Owase-Howick uzomela iqembu lase-KZN kwi-tennis

Unks Wendy Nzimande oyomela isifundazwe saKwaZulu-Natali emdlalweni we-tennis.

 

ISWELE izimpaphe zokundiza intombazanyane yase Curry’s Post etonyulwe ukuba imele iqembu lesifundazwe saKwaZulu Natali labaneminyaka engu 19 emdlalweni we-tennis.

UNksz Wendy Nzimande ongumfundi wamatikuletsheni  esikolenii Howick High School, uthe uzizwa ejabule ngalezi zindaba. “ Nakuba nginalo uvalo lokudlala nezinkakha zalomdlalo endaweni yase Pitoli kodwa ngijabulile kkahulu,” kusho uNzimande.

Ukutonyulwa kwakhe kuza emva kokuba wayedlale kahle kwimiqhudelwano eyabe ibanjelwe eKershaw Park endaweni yase Mgungundlovu.

Lemidlalo imiselwe umhla zingu 30 kuMashi kuya kumhla zingu 4 ku  Ephreli endaweni yase Pitoli.  Lentombazanyane ithe  yaqala ukudlala lomdlalo ifunda ibanga lika grade  three esikoleni iHowick Preparatory.  Uthe uzimisele ngokuba enze kahle kuyo imidlalo kazwelonke.

UNzimande uphinde adlale umdlalo we hockey kuso lesi sikole lapho enza kahle nakuwo.

Ngonyaka ozayo ithe iziimisele ngokufundela izifundo ze Marketing.

 

  AUTHOR
Mfundo Mkhize

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kunothiswa abamatekisi …. ngolwazi, nempatho kubagibeli