Umdlali webhola  ubonge unkosikazi nentombi kumabonakude

 

 USEZIDALELE amazinyo abushelelezi umdlali weqembu iFree State Stars  ngemuva kokuba evele wabonga unkosikazi wakhe kanye nentombi ngesikhathi ebuzwa   imibuzo ngemuva komdlalo wabo ne-Ajax Cape Town ngoMgqibelo.

UMohammed Anas, ubeqokwe njengomdlali ovelele kulomdlalo abawudlale ngokulingana ngamagoli amabili.

Ngesikhathi amukela umklomelo wakhe uMohammed uqale wabonga uNkulunkulu , abalandeli wase  ebonga unkosikazi wakhe kanye nentombi yakhe.

Ngemuva kokusho loku uMohamed usheshe wazama  ukukulungisa ngesikhathi exolisa ethi ubeqonde ukuthi unkosikazi wakhe.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Isithombe esibi kakhulu namhlanje