Kushaqise abaningi ukudlula kwenkakha kwezokulingisa

UMnu Joe Mafela ongasekho emhlabeni . Isithombe : The New Age

 

AYISEKHO emhlabeni inkakha kwezokulingisa uMnu Joe Mafela owaduma kakhulu emdlalweni i-Sgud iSnay’s.

UJoe  Mafela ushone (75) ngoMgqibelo engozini yemoto ngesikhathi esendleleni eya ekhaya lakhe eSoweto. UMafela kuthiwa ubehamba yedwa ngesikhathi kwenzeka lengozi kanti akukaziwa ukuthi kungabe  yini imbangela yakhe.

Aloku engene njalo amazwi enduduzo aphuma kubona abanbtu njengoba bekhala ngokuthi indima kaqedisizungu igqemeke engeqiwa ntwala.

UMnu Mafela wazakhela igama elikhulu ngesikhathi edlala indawo kaSdumo emdlalweni wamahlaya iSdud iSnay’s eyisiqashi sika sis Meyi.

UMafela ushone esedlala emdlalweni iGenerations  the Legacy edlala indawo kababomkhulu Tebogo nokungumalume kaTau Mogale.

Imininingwane egcwele iyalandela.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ube yimpumelelo uzime wodado eMnambithi