Ukhiphe ingonyuluka obezoshada nowe-Amazing Grace

UMnuz Gift Nene (22) ugonyuluke ngobudlelwane bakhe nomufi athi bebezobopha ifindo lomshado lenkonzo ebise-Ark Fellowship Centre kwa-F izolo ngoLwesine.

 

UHLULEKE wukuzibamba lowo obezoshada nobeyilunga leqembu i-Amazing  Grace  wagonyuluka watshela abebesenkonzweni  ukuthi besekusele inyanga ukuba abashade noNksz Thembeka Mbutho (20)

UMnuz Gift Nene (22) oziqinise ngokushumayela  usho loku enkonzeni yesikhumbuzo sakhe uMbutho ebise-Ark Fellowship Centre kwa-F eMlazi izolo ngoLwesine.

UNksz Mbutho uhlaselwe ikhanda  linamandla ngesikhathi ephuma emsebenzini ngeledlule kwaze kwaba uyadlula emhlabeni.

UMnuz Nene udalule nokuthi emva kwalesi sehlakalo ushayekile emphefumulweni, waze walaliswa esibhedlela njengoba uNksz Mbutho eshonele ezandleni zakhe.

Uveze ukuthi ucele incwadi yokumkhulula esibhedlela, okuzothi emva komngcwaboi aphindele kusona.

“Bazalwane ngiyathanda ukukhuluma iqiniso elimsulwa mina no Thembeka bese sizoshada ngo-Ephreli kodwa uNkulunkulu ngohlelo lwakhe wakhetha ukumthatha. Ngathi kuyena sisaqala ukuthandana, ngifuna ukumshada ukuze siqhube ivangeli,” kusho uMnuz Nene.

Uveze nokuthi besebezitholile nezibusiso zomshado emndenini yabo kanti bebenengane enezinyanga ezintathu.

Uzichaze ngokuthi akayena umfundisi kodwa ubizelwe ukushumayeza abantu baphenduke.

Phakathi kwamaciko abehambele lenkonzo kubalwa u-Andile Mbili, uMelusi Mbokazi, Abakhethwa, uNathi noNkanyiso, iNext Level nabanye.

Azisalanga izinkulumo ezakhayo kubefundisi nezikhulumi okubalwa ezoMnuz Paul Nzimande, uS’celo Ncube noMfundisi Thomas Radebe.

Unksn Mbutho uzofihlwa kusasa ngoMgqibelo.

 

  AUTHOR
Sabelo Ngema

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Sekwanele ngokuxhashazwa kwabasebenzi – Cosatu