update


Asevuliwe amabhishi aseThekwini

 

 

AMABHISHI aseThekwini asevuliwe emuva kokuthi abasebenzi bakwaMasipala besebenze kanzima ekubuyiseleni isimo kwesejwayelekile kulandela umonakalo owenziwe ngamagagasi olwandle (Tidal Waves) ngeSonto.

Lokhu kuqinisekiswe nguMnuz Thembinkosi Ngcobo obhekele uMnyango wezamaPaki, ezamaCiko nezeMidlalo ngoLwesine othe wonke amabhishi asevuliwe futhi ukuhlanzwa kwawo kuyaqhubeka.

Kula mabhishi uMnuz Ngcobo ubale nelingaseDurban Country Club  kanjalo nezindawo zokugezela emabhishi nezidayisa ukudlala seziyasebenza.

Uthe amanethi okuvimba oshaka afakwe namuhla (ngoLwesihlanu) kuhlanganisa naseBlue Lagoon.

“Ibhishi i-Battery livuliwe, kodwa kuzomele livalwe uma kubuya amagagasi  abizwa ngamaHigh Tides,” kusho uMnuz Ngcobo.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane  

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bazovela kusasa enkantolo ‘abalwa nobugebengu e-17’