Omasikandi bazoqhudelana kowaMantshontsho

: IHhashi Elimhlophe linandisa kuMantshontsho kaMaskandi Awards ngonyaka odlule. Isithombe: facebook

 

AMACIKO aphuma ezindaweni ezahlukene azoqhudelana kuMantshontsho kaMaskandi Awards azokwenzelwa eDurban Convention Centre mhla lulunye ku-Ephreli  ngehora lesithupha ntambama.

Umsunguli walomcimbi uMnuz Mlamuli Nxele uthe uzokuba sohlelweni lukaSigiya Ngengoma Okhozini FM ngoMgqibelo nalapho ezisa khona ngemininingwane egcwele .

“Okuzothatha amehlo alomcimbi wukusina kudedelana enkundleni kwezinkakha ezifana noPhuzekhemisi, Ihhashi Elimhlophe, uShwi noMntekhala enkundleni lapho zizobe zifolosa phambili,” kusho uMnuz Nxele.

Uthi kulomcimbi kuzoboshelwa nezinye izinkunzi eziyi-6 zikamaskandi ezizotshakadula zikhombisa ngobuciko besigingci nokubaluleka kwaso.

Uthi izinkakha ezifana noPhuzekhemisi sekunesikhathi zizilungiselela ukunandisa kule miklomelo osekungeyesine yenzeka, okulindeleke izihlwele zabathandi balomculo.

“Siyazi ushuni nesitayela saseNingizimu nesifundazwe kuhambisana nentambo yesigingci yangakhona engafani neyasenyakatho. Amathikithi aqala ku-R150 kuya phezulu kanti aseyatholakala kuma-computicket,” kusho uMnuz Nxele.

Uphethe ngokuthi uyazi ukuthi legenge encane kamaskandi ingafunda lukhulu kulezi zinkakha ngezinto ezithinta lemboni kanjalo nezinkakha zingafunda okuningi ngokumakethwa kwalo mculo.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
‘Umfowethu omncane wadlwengula indodakazi yami’