Uqolwe inkulungwane owesifazane othenjiswe idayimane

USALE  encela isithupha owesifazane oneminyaka enga-48 ubudala waseMnambithi, ngesikhathi  izigelekeqe zishaya zichitha ne-R1000 yakhe, ngemuva kokuba zimthembise ukumnika amadayimane.

Ngokwesitatimende esikhishwe okhulumela amaphoyisa eMnambithi uCaptain Charmaine Struwig, kuthiwa  ngoMsombuluko isisulu sahlangana namadoda amathathu enxanxathelini yezitolo yakulelidolobha, lapho lamadoda akhombisa khona lona wesifazane amatshe okukholakala ukuthi amadayimane ayengasikiwe futhi engageziwe.

Kubikwa ukuthi lamadoda abe eselutha lona wesifazane acela ukugibela emotweni yakhe ukuze akwazi ukuyolanda ithuluzi lokugeza lamatshe, okwabikwa ukuthi lisemntwini thizeni emgwaqeni uMashisoni. Lamadoda abe esethembisa lona wesifazane ukuthi azomnika ingxenye yamatshe ngemadlana encane uma esegeziwe. Kubikwa ukuthi lona wesifazane wabe esekhokha i-R1000 kanye nomakhala ekhukhwini bakhe ababili, ngenhloso yokukhokhela lamadoda.

Labalisa babe sebeshaya bechitha nemali , namatshe kanye nomakhala ekhukhwini besisulu ababili.

Amaphoyisa axwayisa umphakathi ngokuthi ungazimbandakanyi nabantu abahweba ngamatshe akhazimulayo kanye nangegolide, kunalokho umphakathi kumele ubikele amaphoyisa ngezenzo zaloluhlobo. Amaphoyisa abe sekhumbuza umphakathi ukuthi kuyicala ukuhweba ngaloluhlobo lwamatshe, uma umuntu engagunyaziwe ukwenza lomsebenzi.

“Abantu abangathengi izinto zaloluhlobo emgwaqeni, ngoba bengazithola sebeso gibeni lomcuphi, obandakanyeka ezenzweni zokumbiwa kwamagugu ngokungemthetho,”kubeka uCaptain Struwig.

  AUTHOR
Thokoza Vilakazi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
INkosi, 93, ifuna ukubuyiselwa ubukhosi ‘osebuthathwe yindodana’