Imkhiphe phambili  inkantolo obesolwa ngokubulala isoka

Ilowo obesolwa ngokubulala isoka lakhe eNtshanga.

 

UKUSHODA kobufakazi ecaleni lokufa kowesilisa eTintown eNtshanga ikhona okwenze inkantolo yeMantshi ichithe icala ebelithweswe obeyisinqandamathe sakhe.

NgoMsombuluko inkantolo yeMantshi yaseCamperdown isule icala ebelibhekene noNksz Thembeka Luthuli (38) obesolwa ngokubhunyela lowo obeyisoka lakhe  uMnuz Thabani Mkhize (39), ngohlobo oluthile lwekhemikhali elamubhucula isikhomba washona emzini wabo kulendawo.

Lona wesifazane ubebhekene naleli cala elenzeka ngoLwesine emuva kokusabalala kwamahebezi okuthi isoka seliyolobola kwenye indawo.

UNksz Luthuli ubanjwe amaphoyisa ngoLwesihlanu eseyogibela ibhasi esiteshini esikhulu sezokuthutha eThekwini emuva kokuba umphakathi uthole umufi egoqwe ngombhede ofuthwayo “Sleeping bag” eseshonile emuva kwasofa endlini yabo lapho eboshwe khona ngentambo ezandleni nasezinyaweni.

Emuva kokuba amalunga omphakathi ahlabe umkhosi ngalokhu, amaphoyisa akulendawo abe eseqala uphenyo oluholele ukuthi aze abanjwe lona wesifazane.

Kube imbibizane emalungeni omndeni kamufi ngosuku lwecala ngesikhathi inkantolo ingakwazanga ukuthola ubufakazi obuphathekayo ngokufa kwakhe,  nokuholele ekutheni adedelwe umsolwa.

 

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Sekubhekwe isinqumo samajaji kolo mbango wobuholi be-ANC eKZN