Izokwenzelwa  indumezulu yedili imbongi yaseHammersdale

UGUGU Nzimande uzokwenzelwa idili umkhandlu weTheku nobuholi basendaweni eHammarsdale ngoMgqibelo.

 

KWEHLA izinyembezi namanje kwimbongi yedumela uma ecabanga ngemuva lakhe kulo mkhakha akuwona njengembongi.

UGugu Nzimande waseHammersdale  unqobe izindondo ezimbili ngaphansi komkhakha weBest Poetry sibala eyodwa womcimbini wama Satma kanye namaCrown Gospel Music awards abengonyaka ophelile.

Le mbongi itshelwe uMkhandlu weTheku uhambisana nobuholi bendawo ukuthi izokwenzelwa indumezulu wedili ozoba ehholo lomphakathi kwaMagaba eHammarsdale ngoMgqibelo, lapho ebongelwa khona ngempumelelo yakhe enqoba kule micimbi.

Exoxa neKZN Eyethu uthe ubengakaze akucabange ukuthi ngelinye ilanga naye lesikhathi siyofika.

“Kuningi ngizama ukuveza umsebenzi wami kubantu kodwa uma ngizama ukuvula iminyango ngitshelwa ukuthi ngeke ngifinyelele ndawo.Bengingakwazi ngisho ukumenywa nje emicimbini emincane ukuba ngizoveza ubuciko bekhono enginalo,’’ kuxoxa uGugu.

Kulo mcimbi kuzonandisa  uDumi Mkokstadi noJumbu, Bahubhe, Busani nabanye abaningi uzobe uphethwe uNomkelemane woGubhulwami kwiBay Tv esiteshini esikhokhelwayo.

Uphethe ngokuthi lokhu uthanda ukuba nabanye bafunde futhi bazi ukuthi kuyabekezelwa futhi ungaphelelwa amandla uma udinga ukuthi into oyenzayo iphumelele.

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kusolwa ozakwabo ngoduke elibangise emsebenzini