Iziboshwa zishaye zabulala umphathi wazo ngesando

ABASEBENZI bebebhikisha ngaphandle kwamasango e-Excelesior Place of Safey ePinetown namhlanje ngoMsombuluko emva kokubulawa komunye wozakwabo. Isithombe: Zama Mathonsi.

 

IZIBOSHWA zejele lezingane  e-Excelsior Place of Safety ePhayindane kusolakala  ukuthi zishaye zagwaza umphathi wabasebenzi bale ndawo oneminyaka engama-51 washona maqede zeqa.

Ngokombiko wephoyisa lakulenadwo elingavumelekanga ukukhuluma nabezindaba ,  iziboshwa ezigcinwe kulendawo  zingama-22 kanti  kweqe ezine ezinamacala  okubalwa ukudlwengula, ukugqekeza  nokusebenzisa izidakamizwa.

Kwenzeka lokhu-nje abasebenzi balendawo bebetelekile bekhala ngeholo elincane kodwa umufi  ubesebenza yedwa nomhlengikazi.

Okhulumela amaphoyisa asePhayindane uWarrant Officer Muzi Maphumulo usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umufi utholakale enamanxeba umzimba wonke.

“Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa amaphoyisa ayaphenya, umufi utholakale enamanxeba umzimba wonke ikakhulukazi emqaleni nasekhanda kanti ubenepopo ekhanda,” kubeka uW/O Maphumulo.

UNks Ncumisa Fandesi woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi usitshele ukuthi umatasatasa nalo ludaba  usazobuyela kule liphephandabha alilandise ngokwenzekile

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uphinde wadlondlobala umcimbi woShisanyama kulo nyaka