Umfundi ubonge wanconcoza bemukeliswa ngezicathulo

 

UMFUNDI wasesikoleni samabanga aphansi i- Ashdown Primary u-Aphelele Kweyana ubonge wanconcoza emuva kokwamukeliswa izicathulo kanye nezincwadi zokufunda emcimbini obusemagcekeni akulesikole.

Lomcimbi ubuxhaswe yizinhlangano eziningi okubalwa i-Greater Edendale Mall, Scelo creation, Builders, Capital 104 fm, Denmark kanye ne- Afrotainment.

Ngokusho kukathishanhloko walesikole  uNkk Nonhlanhla Shezi ubonge kubaba  ka-Mnuz Scelo Zondi ongomunye wabaphonse esivivaneni . “ Uyikhulise kahle indodana yakho noma kungekuningi anakho wakhetha ukuthi akahlephulele isikole ayefunda kuso. Bazali  lomcimbi ubungeke ubekhona ukube beningekho, engathi uNkulunkulu angangena ezinhliziyweni zethu sifunde ukubonga kokuncane esizokuthola namhlanje,” kubeka uNkk Shezi.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Zitike ngejazz nomaskandi eBat Centre