Libabhubhele abashushumbisa insangu esifundeni sasoThukela

 

Ukusuka ngoLwesihlanu olwedlule kuya kuLwesithathu lwayizolo amaphoyisa asesifundeni sasOthukela abophe abasolwa abanga-23, ngamacala okutholakala nezidakmizwa.

Esigamekweni sokuqala amaphoyisa aseColenso, abezungeza endaweni yaseMatsheni lapho ebone khona insangu elinywe kweminye yemizi yakulendawo. Amaphoyisa abe esengena kulomuzi lapho afike afaka khona ozankosi umnikazi womuzi oneminyaka enga-35 ubudala, ngecala lokulima insangu. Kubikwa ukuthi lomthunzi wezinkukhu ulinganiselwa ukuthengisa nga-R800 ngokwentengo yasemgwaqeni.

Esigamekweni sesibili, amaphoyisa aseMatsheni abophe umlisa wasoBonjaneni otholakale nomthunzi wezinkukhu onesisindo esingu-3.2kg, nokubikwe ukuthi ungadayiswa ngemali elinganiselwa ku-R4000. Amaphoyisa aseZakheni wona abophe umsolwa oneminyaka enga-39 ubudala kwesinye sezitolo esikwa-C, ngecala lokutholakala nensangu engu-48 grams, kwaphinde kwaboshwa omunye umsolwa oneminyaka enga-29 ubudala waseSt Chads obenensangu engu-62g kanye nengu-300g. Umthunzi wezinkukhu otholakale kubasolwa ulinganiselwa ukuthengisa ngemali engu-R300.

Kwesinye isigameko khona Ezakheni, amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka enga-49 ubudala, ngecala lokutholakala nenkeshezana yomthunzi wezinkukhu, ngenkathi omunye umsolwa oneminyaka enga-33 ubudala eboshwa amaphoyisa ngecala lokutholakala namaphasela amabili entshokovane, nokukholakala ukuthi uma isihlanganiswa ingabiza uR200.

Amaphoyisa ase-Upper Tugela wona abophe umsolwa oneminyaka enga-50 ubudala waseSandlwana, ngecala lokutholakala namasaka amabili omthunzi wezinkukhu. Lomthunzi wezinkukhu kubikwa ukuthi ubu nesisindo esingu-15,4kg kanti ungathengisa ngemali elinganiselwa ku-R22 000. Ngemuva kwalokho amaphoyisa abe esebopha ablisa ababili abaneminyaka ephakathi kwenga-21 kanye na-23 ubudala ababhadanywe amaphoyisa namasaka amathathu omthunzi wezinkukhu nabenesisindo esingu-50kg isaka ngalinye nokungabiza imali engu-R70 000.

Amaphoyisa aseNtabamhlophe wona abophe abasolwa abayisithupha nabaneminyaka ephakathi kwenga-40, 21, 53, 47, 55 kanye nenga-34 ubudala. Bona batholakale nomthunzi wezinkukhu onesisindo esingu-16grams nangaphansi, nongadayiswa ngo-R300 ngokwentengo yasemgwaqeni. Amaphoyisa aseBergville abophe umsolwa oneminyaka enga-35 ubudala endaweni yase-Emmaus otholakale namaphasela anga-28 ensangu angathengisa nga-R400. Amaphoyisa aseWembezi abophe umlisa oneminyaka enga-46 waseNkwezela, otholakale nenkeshezana yensangu nengathengisa nge-R100, kwathi amaphoyisa aseVan Reenen abophe owesilisa oneminyaka enga-20 ubudala emgwaqeni uWragg Road, otholakale nensangu engu-12grams nengathengisa nge-R100.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Sekulimale abayisikhombisa engozini yesikeqane