Abesina ededelana amaciko koweMayibuye

Sthembeso “Helicopter” Buthelezi ungene washaya ingoma esihloko esithi Albhanism lapho kuchwaze khona izihlwele.

 

ISIMO sezulu besivumelana nomcimbi wenhlangano yamaciko ibigubha khona unyaka  yasungulwa lapho bekunguqhude manikiniki amaqembu engoma abeshiyelana inkundla enandisa nabantu bephumile ukuzothamela lomcimbi obungaphandle eSeamans Corner ngoMgqibelo.

IMayibuye Cultural Diverse ibiyenze umcimbi lapho ibungaza igalelo esinalo emacwikweni asafufusa njengoba kulindeleke ukuba baqale umjikelezo ozobe uhambela wonke amahostela ukukhangisa ngamaciko asakhula kanye nokukhuthaza abantu ngamasiko.

Kulo mcimbi abanandisile kubalwa u Zamambo, uMshini, iqembu le4 by 4, Amajaji amhle, amaXimba amahle, Helicopter,Izichomane, Amaqophamlando no24 hrs namanye amaningi.

Okhulumela lenhlangano uThembo Chagwe udlulise amazwi okubonga kubona bonke ababambe iqhaza kulomcimbi nalapho aphinde lwanxusa amaciko ukuba aqhubeke nokuzimisela uma eshaya ingoma ezindaweni zomphakathi.

UBonga Mchunu weZichomane akazibekanga phansi njengoba bekhombise ukuyithokozela kakhulu naye ingoma yakhe esihloko sithi “IRasta”. Isithombe: Mthandeni Madlala

“Kuyasijabulisa kakhulu ukubona amaciko  ethu akhulayo  ekwazi ukukhulisa igama lawo njengoba sibona kwenzeka amaciko eshaya ingoma nomphakathi uphumile uzobuka  lento enhle kangaka,” kusho uChagwe.

Uphinde wadlulisa ukubonga emphakathini ngokuphuma ngobuningi bawo ukuba yingxenye yalo mcimbi waphinda wabonga  uMnuz Sihle wase Seamans Corner okunikele ngendawo obekusingathelwe kuwona  lomcimbi.

 

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Umnyango uthatha isibhedlela esizimele