update


Sekuboshwe  umsolwa oyedwa kolwaseMlazi

SEKUBOSHWE umsolwa oyedwa kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe amalunga amane omndeni eMlazi Kwa G ngoMgqibelo.

Lomsolwa oneminyaka engama-25 ubudala uboshwe ngoMsombuluko ithimba le-Provinc ial Task Team nelimuthole ebhacile, njengoba abaleka ngemuva kwalesi sigameko.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba amalunga omndeni amane akwa  G eMlazi eqothwe ngenhlamvu abasolwa abathathu abangaziwa akade befuna omakhalekhukhwini kanye nemali.

Omunye umsolwa  kulaba abathathu ushonile ngemuva kokuba ezame ukudubula amaphoyisa abenawo eseyadubula wadubuleka washona, kanti umsolwa wesithathu yena usagcwele amathafa.

Kwabashonile kubalwa umama oneminyaka engama-59 , amadodana akhe amabili kanye nendodakazi.

Umsolwa oboshiwe  uzovela enkantolo maduze.

Eminye imininingwane iyalandela njengoba udaba luqhubeka.

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
BUKA: Intsha igubha usuku ngokukhethekile eMlazi