Bahlalele  ovalweni abaku-Bell Street eHowick

 

BASABELA  izimpilo zabo abamabhizinisi akumgwaqo uBell Street lapha Howick njengoba lendawo isiphenduke isizinda sobugebengu.

NgeSonto eledlule iphephandaba uMngeni Eyethu libike wabika ngesigameko sokudlwengulwa kanye nokubulawa ngesihluku kowesifazane kulomgwaqo

Ngokuthola kwephephandaba uMngeni Eyethu osomabhizinisi kanye nezisebenzi zakulendawo sebehlalela ovalweni ngenxa yalesi sihlava.  Ngokusho komthombo oxoxisane nephephandaba uMngeni Eyethu kodwa wangafuna kudalulwe igama lawo uthe isimo asikho sihle.

“ Njalo uma ngabe siya emsebenzini sihlezi sizithola sibhekene nezinto ezingalungile kulomgwaqo. Kunengoja lapho sithola khona  izikhwama zabantu okukhomba khona ukuthi izigilamkhuba zifike zibambe abantu inkunzi mese zizotshinga khona izikhwama,” kusho lomthombo. Uthe enye inkinga enkulu ukuthe abezomthetho abalusukumeli loludaba.

“Siyesaba singabantu besifazane njengoba futhi iningi lethu lingabo abantu besimame. Nabo nobusika busendleni,” kusho umthombo. Uthe banxusa ukuba amaphoyisa ayiqaphe ngeso lokhozi lendawo njengoba iyindawo engalungile.

Leliphepha liphinde lahosha umoya wokuthi   lesimo sesibe nomthelela omubi enzuzweni eyenziwa amabhizinisi abo.

“ Amakhasimende asetshengisa ukuba manqikanqika ngokuba eze lapha ngoba esabela izimpilo zawo.  Asazi ukuthi yini elandelayo njengoba nabafana abayizigqila zesidakamizwa  iwhoonga bengapheli kulendawo,” kusho umthombo.

Ikhansela lewadi uNksz Janis Holmes uthe emva kokubikwa kwesigameko sokubulawa owesifazane wazama ukubikela uhlaka olulwisana nobugebengu iCommunity Policing Forum emaphoyiseni ukuze loludaba lube sezithebeni zalo.  Uthe ngokwakhe uhlele ukuba asebenze nekomidi lakhe lewadi ukuze bashintshe isimo salendawo.

“ Uma ngabe indawo inganakiwe ngokwengqalasizinda kanye nangedlela kulethwa ngayo izidingo igcina isiba isidleke sezigebengu. Yingakho ikomidi lami lizohambela lendawo ukuze lenze izincomo ezithize okuzophoqeleka ukuba sizidlulisele umasipala ukuze ubhekane nazo,” kusho uNksz Holmes.

 

  AUTHOR
Zekhethelo Sithole

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Unentshisekelo yokukhulisa osomabhinisi abasebancane owesifazane waseMgungundlovu