Indodana yekhansela igwaze  umuntu wafa kubangwa  ihhashi

 

Ikhalelwe amasongo kaS’gonyela indodana yekhansela lakwaward 1 ngaphansi kukamasipala waseMadlangeni, kulandela ukubhokoda umuntu  ngommese kubangwa ihhashi.

UThembinkosi Sangweni (20)   obengumfundi  eNzimane Combined School khona Emadlangeni e-Utrecht ugwazwe  amanxeba amabili esifubeni naseqolo ngoLwesihlanu .

Ngokuthola kwaleliphephandaba  ngomthombo walo ongathandanga ukudalulwa  igama kuthiwa  ingxabano yasuka phambi kwamagceke esikole, njengoba umufi ubefunda kulesisikole uGrade 10. Kuthiwa umufi waphuma emagcekeni esikole ethi uyobuza umsolwa ngehhashi lakubo ukuthi ulenzani.

“Umufi waphuma egijima esikoleni waya kumsolwa ethi uyobuza ukuthi ulenzani ihhashi lakubo. Umsolwa waphika ukuthi ihhashi lakwaSangweni leli ayeligibele,” kusho lomthombo.

Uqhube wathi badazisana laba bobabli, nomunye ethi ihhashi elakubo, kanti omunye ephika. Umsolwa bathi wagcina ngokugqashula ummese wagwaza umufi eqolo nasesifubeni. Bathi umufi akashonelanga endaweni yesigameko, kepha waphulukana nomphefumo wakhe esendleleni ebheke esibhedlela sendawo.

Umsolwa  ihhashi leli walithenga ngenja komunye umuzi okuthiwe owakwaMjiyakho, kanti nenja leyo bathi nayo eyokwebiwa.

Kuthintwa amaphoyisa ase-Utrecht, athe akekho umphathi siiteshi ukuze aphendule ngaloludaba, kanti nokhulumela amaphoyisa esifundazweni uMajor Thulani Zwane ucele ukuthi athunyelelwe yonke iminingwane ngaloludaba, ukuze ezophendula ngento ayaziyo nayibonayo.

 

  AUTHOR
Khulekani Khuzwayo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
ISilo nexhama lokuxhumana nabaseNdiya