Kuthini ukuphawula  kwakho ngomqeqeshi omusha we-Pirates?

Umqeqeshi omusha weqembu i-Orlando Pirates. Isithombe :IOL

 

USIHLALO weqembu  i-Orlando Pirates uDr Irvin Khoza ngoMsombuluo umemezele umqeqeshi omusha weBhakabhaka  Kjell Jonevret nothathe izintambo ku-Augusto Palacios obeyibamba likamqeqeshi kusuka ngenyanga kaNovemba ngonyaka owedlule.

UKhoza umangaze abaningi ngesikhathi ememezela umqeqeshi omusha nozobamba izintambo zokuba umqeqeshii iminyaka emithathu kuleliqembu.

Kwenzeka konke loku nje iBhakabhaka lisanda kuthelwa isibhaxu iMamelodi Sundown ngesonto eledlule nalapho bedliwe khona ngo 6-1 emdlalweni. Bekungekona okokuqala ukuthi iBhakhaniya libhaxabulwe ngamagoli amangaka njengoba like labhaxabulwa  iSupersport ngamagoli afanayo koweligi futhi.

Kungabe kuthini ukuphawula kwakho , kungabe unalo yini ithemba lokuthi ingabuya iBucs njengoba isinomqeqeshi omusha?

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
LALELA izwi eliqoshiwe: Kushaywe kabi amadoda, kwashona eyodwa esolwa ngokuthumba ingane