OwaseMpophomeni kumbukiso wamaciko eThekwini

UMnu Ndlela ekhombisa ngeminye imifanekiso yakhe.

 

LISAZINCINZA inqulu iciko lase Mpophomeni elihlabene nethuba eliyingqayizivele lokuba liyotshengisa umsebenzi walo kumbukiso ozokuba  e-Durban Art Gallery  ngenyanga ka Mashi.

UMnuz Muzi Ndlela wase lokishini lase Mpophomeni ungumdwebi osezakhele igama ngenxa yeqophelo lomsebenzi wakhe.  Uthe lelithuba liqhamuke emva kokuba enze into encomekayo kumbukiso wakhe owawuse  Tatham art Gallery ngonyaka ofile.  Lombukiso owawusegunjini i Schreiner kuyo le Art gallery. Uthe umbukiso wakhe wawethiwe i –Identity or Belief.

“ Lombukiso wangibeka ebalazweni njengoba bebaningi abantu ababehambela le arts gallery ukuze bazibonele ngamehlo lomsebenzi. Kulabantu bekukhona izingane zezikole kanye nomphakathi wonkana,” kusho u Ndlela.

Uthe kumbukiso azowuhambela eThekwini uhlele ukuba afunde lukhulu njengoba usuke uhlanganisa omakadebonwa kwezobuciko.

Muva nje uNdlela udwebe isithombe sembongi yase Mpophomeni uMnuz Siyabonga Mpungose.  Lesi sithombe isihloko sayo sithi “The poet at work” .  Ube esesifaka kwisithangami sokuxhumana ufacebook. Lesenzo simdonsele amehlo abantu bengawuvali umlomo ngenxa yekhono lakhe.

“ Ukufakazela lokhu sengithole ama order kubantu abanezicelo zokuba benzelwe ezithi bona. Omunye kulabantu oke wathi ukuxhumana nami uqhamuka edolobheni lase Showe,” kusho u Ndlela.

Uthe nakuba bekhona abantu abawuthandayo umsebenzi wakhe iningi labantu lise manqikanqika ukuba likhokhe imali edingakalayo ukuze benzelwe imifanekiso yabo.

Ukufakazela ukuthi leliciko alisilo ivukane kulendima ngonyaka ka 2008 u Ndlela wakleliswa isithathu kulomcintiswano okwakukhona kuwo ingxubevange yamaciko owawuxhaswe iNivea.

Uthe unyaka wakhe usuqale ngegiya eliphezulu njengoba ethule ithuba lokuba asebenzele esikoleni samabanga aphezulu i-Mthombo. Uthe  kulokhu ugunyazwe uthishanhloko uMnuz Themba  Qwabe.

“ Lokhu kuzongisiza kakhulu njengoba besekuba nobunzima ukusebenzela ekhaya  ngenxa yendawo,” kusho uNdlela.

UNdlela wangena kulokhu ngonyaka ka 1998 lapho ayecijwa khona u Mnuz Mduduzi Xakaza e Tatham Arts Gallery.

Uma ufisa ukuxhumana no Ndlela ungathinta u 060 475 3172.

 

  AUTHOR
Mfundo Mkhize

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
BUKA: Isiphepho esinamandla eThekwini