Kushone umfana (12) eminza emfuleni

Kuminze umfana ona-12 eGroutville KwaDukuza

 

 

Kushone umfanyana oneminyaka eyishumi nambili ubudala ngemuva kokuminza emfuleni Umvoti ngaseGroutville, KwaDukuza. Kulesi sehlakalo esenzeke izolo ngeSonto, kuthiwa umufi ubezama ukuwela emfuleni ngesikhathi ephoseka endaweni eshona kakhulu emfuleni, maqede waminza.

Kuthiwa umngani kamufi obehamba naye uye wahlaba umkhosi ngokuminza komngani wakhe, kwase kuphuthuma abatshuzi basemaphoyiseni ukuyofuna  isidumbu sakhe, nesiye satholakala ezingeni elishona ngamamitha ayisikhombisa.

Ngonyaka odlule kushone umfanyana oneminyaka eyisishiyagalombili ngemuva kokuminza kuwona lo mfula, kanti ngaphambi kwalokho kwaminza umfanyana oneminyaka eyisihlanu.

  AUTHOR
Musa Mnyandu  

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kushone 6 engozini yetekisi