Kugqugquzelwe impilo kowe-UCASADA Fitness Club

Lena yintsha yama-Swagg ezimisele nebigcotshwa
Lena yintsha yama-Swagg ezimisele nebigcotshwa

KWETHULWE ngokusemthethweni Umzansi Community Arts Sports And Development (Ucasada) Fitness Club yokuzivocavoca ngenhloso yokugqugquzela umphakathi waseMlazi ngokuzigcina uphilile.
Lenhlangano esungulwe ngo-2009 kuhloswe ngayo ukuthuthukiswa kwamakhono ezemidlalo nobuciko emphakathini.
Isikhulu salenhlangano uSakhile Madonsela uthi inhloso ye-Ucasada wukusebenzisana neminyango kahulumeni ukuze isize ukuvala igebe eliphakathi komphakathi nohulumeni.
“I-Ucasada yenzelwe ukuthuthukisa umphakathi ukuze ukwazi ukuthola izidingo ngqangi zomphakathi , uqinise ubumbano kubantu nohulumeni,” kusho uMadonsela.
Uthe le nhlangano ibhekele ukuthuthukiswa kwezikhungo zentuthuko futhi isize ekutholakaleni kwamakhono.
Uqhube wathi uthanda ukubonga uLinda Mbonambi nozakwabo abasebenzisana nabo ababagqugquzele ukwethula lomcimbi.
“Sibonga futhi simshayela ihlombe uSdumo Magwaza (OSS) oseseke kuqala kuze kuphele lolu hlelo,” kusho uMadonsela.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bababaza imiphumela yesifundo eMlazi