UDe Sa wethulwe njengomqeqeshi omusha we-Team Of Choice

Kungesikhathi uRoger De Sa ethatha izintambo kuleli qembu ngenyanga kaJanuwari. Isithombe :Lethiwe Makhanya

 

 

KUPHELILE  ukuqagela ngomqeqeshi  omusha weMaritzburg United, njengoba izikhulu zaleli qembu zethule uRoger De Sa anjengomqeqeshi walo omusha esithangamini sabezindaba ngoLwesibili ekuseni.

USihlalo waleli qembu uMnu   Farook Kadodia uthe  bayakhokhelwa ukuthi sebeyitholile into abebeyifuna eseqophelweni eliphezulu . “URoger  Desa  ungumuntu onolwazi olunzulu kanye nekholo elikhulu kwezebhola le zinyawo  kanti futhi  wenze kahle kakhulu emaqenjini  aphuma kuwona. xiyakholelwa  futhi ukuthi unekhono ekuthuthukiseni ithalente lentsha,” kubeka yena.

Uqhube wathi i-Team of Choice beyibhekene nesikhathi esinzima kodwa babonga umqeqeshi wabo oseshiyile ngomsebenzi w akhe omuhle  nabathemba ukuthi basazoqhubeka nokwenza  kahle  ezandleni zomqeqeshi omusha.

“Bekungekho lula eqenjini lethu kulesizini  esiphuma kuyona kodwa sibonga  umsebenzi omuhle kakhulu owenziwe umqeqeshi wethu ongasekho . Siyakholwa ukuthi sizoqhubeka sibe endaweni ephezulu kwi-PSL.”

UDe Sa uthatha lesi sikhundla kulandela ukwesula  isigubhukane kuka-Ernst Middendorp ngoNovemba  wonyaka odlule. Ngemuva kwaloko izintambo zokuqeqesha zithathwe  u-Fadlu Davids okwazile ukuthola  imiphumela egculisayo neqinisekise ukuthi i-Team Of Choice iqeda isigamu sokuqala seligi isohlwini lamaqembu ayishumi okuqala.

UDe Sa  uthe uqale wabheka ngeso elibanzi wonke amathuba abekukhona ngaphambi kokuba amukele lomsebenzi kwi-Team of Choice esho nokuthi usuka kude naleli qembu.

“ Lokhu into ebivele izokwenzeka ekuhambeni kwesikhathi ukuthi ngigcine ngiwumqeqeshi waleli qembu ngoba ubudlelwane bethu busuka kude kakhulu. Lokhu inkomba yezinto ezinhle. Ngizozama ukwenza umsebenzi ongcono umdlalo nomdlalo sibone  ukuthi kuzosishonaphi. Sifuna ukuba iqembu elingcono.  ,” kubeka yena.

Uqhube wathi iqembu leMaritzburg United iqembu elihle kakhulu kanti futhi lalilihle kakhulu nangonyaka odlule ukuthi lingaba kulendawo elalikuyona. “Ngajabula kakhulu ngesikhathi  iqeda  isigamnu sokuqala ohlwini lwamathimu alishumi. I-Maritzburg  United ingashaya nanoma iliphi iqembu .”

Uphethe ngokuthi usazohlangana nabadlali baleli qembu abheke ukuthi ikuphi okungenziwa kodwa kuzophela  isonto esazi ukuthi abaphi abadlali abangadedelwa okanye abangalethwa kuleli qembu.

 

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
BUKA iVideo: Amaphoyisa avalelise kuzakwabo owabulawa owayeyisoka