Kuquleke umlandeli kuphuma ezokushona kukaNcwane

KUFA awunamahloni! Ulinuku futhi awudeli! Ngokuthatha uSifiso Ncwane othwetshulwe kumaCrown Gospel Awards 2016 nowakwakhe u-Ayanda Ncwane lapho ebeqokwe khona emkhakheni weBest Song. Isithombe: Mthandeni Madlala.

 

KUQULEKE umlandeli kuphuma izindaba zokushona kwesihlabani somculo wokholo uSifiso Ncwane esibhedlela iLife Fourways eGoli emuva kokuxinwa inkinga yezinso.

Lo mlandeli obizwe ngelika Nksz Siphokazi Mdlalose (28) wakwa-BB eMlazi kuthiwa ushayeke phansi ngesikhathi ephuma kolanda iposi ngesikhathi ethola izindaba ezingezinhle zokudlula lesihlabani.

Akugcinanga ngalo mlandeli kucishe kwenzeka okufanayo nakunina omzalayo uNkk Fikile Ncwane ophuthunyiswe esibhedlela emva kokuzwa lezi zindaba zendodana yakhe, esekhushukelwe wumfutho wegazi

Lokhu kwenzeka ngesikhathi kusabalala ukudlula kwalesi sihlabani ezinkundleni zokuxhumana lapho iningi lidlulise khona amazwi enduduzo emndenini nakubathandi bezingoma zowokholo.

Ukudlula kuka Ncwane kushiye iNingizimu Afrika ishaqekile ngalesi sigameko emuva kokungenisa ni labasesimweni esibucayi esibhedlela (Intensive Care Unit) njengoba engaculanga emcimbini weKaya FM eGoli ngeSonto.

UDeborah Fraser ongumculi wezingoma zokholo ukhale kakhulu ngokugqemeka engeqiwa ntwala ngokulahlekelwa embonini yezomculo.

“UNcwane ubengumuntu wabantu, enekhono lokuqopha izingoma, ukudlala esiteji nokunye okukhulu esikufunde kuyena kule mboni yezomculo,”

“Ubekwenza usukume uma engena esiteji, ekwazi ukwelapha umphefumulo nokususa izinhlungu ezikumuntu uma esecula izingoma zakhe,” kubeka uDeborah.

Ukudlula emhlabeni kwalenceku yeNkosi kushaqise umhlaba wonke kanjalo noMengameli weZwe uMnuz Jacob Zuma uNgqongqoshe kazwelonke wezobuCiko uMnuz Nathi Mthethwa noNkk Bongi Sithole-Moloi waKwaZulu-Natali nabo bonke abasebenze naye kule ndima.

Ithusile indlela ajatshulelwe ngayo lomculi engena emcimbini weSABC Crown Awards angatholanga lutho kuwona. Ukungahlali isikhathi eside kulo mcimbi kukhombise izimpawu zokungabi mnandi empilweni.

Kuningi osekushiwo ngamagalelo okuhlaba kwalesi sihlabani somculo wokholo, kodwa okuphambili wukuzithoba kwakhe nokusiza abangakwazi ukuzisiza.

UNcwane uzuze izindondo eziningi emicimbini eminingi eyahlukene sibala lapho edle umhlanganiso emcimbini wama South African Music Awards (SAMA) kowe Record of the Year ngowezi 2013 kwathi ngowezi 2015 kwi albhamu yakhe iBayede Baba imenze wanqoba iBest Traditional Faith Album.

Kulo nyaka lomculi uzuze izindondo ezintathu kuwona lomcimbi sibala iBest Selling Digital Download Composers Award, iBest Selling Music Download of the Year kanye neBest Selling Music Download.

UTsepo Nzimande weZuzumuzi Records okunguyena owagqugquzela lomculi uthi uNcwane akakhohlwanga wukumbonga esezokhipha ingoma yakhe ethi “Phakama” ngokuthi ulapha ekhona ngenxa yakhe.

“Nqala ukumbona uNcwane angilibonanga ikhono lokucula njengoba wayengumuntu owayegcwala esiteji sonke kodwa emuva kokuzwa i-cassette ecula ngezwa ikhono elimangalisayo okuyilapho engabona khona ukuthi kukhulu akuphathele lomkhakha, ” kusho uNzimande.

Ushona nje uSifiso ubesanda kuqinisekisa ukubakhona komcimbi wakhe waminyaka yonke iNcwane Communications Gospel All Stars ebaseThekwini ngoDisemba 31, ukuthi uzobakhona namathikithi awo abeseqalile ukudayisa.

Kulungile Baba uma kuvume wena, ukuthi isiphelile indlu yokugcina. Makalale ukulala kwangunaphakade. Hamba Kahle Gwabini Manzini Sengwayo uyikhathulile eyakho indima. Usuyosikhonzela koVuyo Mokoen nakwezinye izihlabani zikaqedisizungu esezalala kobandayo. Phumula umphumulela wafuthi, Sesiyobonana kwelizayo.

 

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Luyelulama usana olutakulwe endlini yangasese