Aqhululwe ngenhlamvu amaphoyisa KwaDukuza

Esithombeni yimoto ebihamba amaphoyisa aKwaDukuza aye adutshlwa ngabasolwa eGlenhills

 

Amaphoyisa amathathu asesiteshini samaphoyisa KwaDukuza abonga amadlozi awo ngemuva kokuphunyuka ngembobo yenalithi ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa kuleli viki.

Lowo okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa amathathu athole umbiko ngemoto yohlobo lweveni ebiyebiwe endaweni yaseThembeni khona KwaDukuza.

“Amaphoyisa amathathu aye aphuthuma endaweni yase-Glenhills nokuyilapho imoto lena entshontshiwe ebibonakale khona. Kuthe uma etheleka amaphoyisa ayibona le moto, kanti ngemuva kuyona bekukhona abesilisa ababili, nokuthe uma bebona amaphoyisa bangabe besabuza bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona.

“Kulesi sehlakalo kulimale amaphoyisa amabili nabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuyolashwa, kanti abasolwa bayishiye kanjalo imoto maqede bacela empunzini ngezinyawo,” kubeka uColonel Mbhele.

Ngesikhathi sokuloba lapha amaphoyisa besaphenya, kanti bekungakaboshwa muntu.

  AUTHOR
Musa Mnyandu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kulimale abantu abahlanu engozini yemoto ePinetown