Akasekho  emhlabeni uSfiso  Ncwane

 

 

UMCULI wokholo uSfiso  Ncwane akasekho emhlabeni kulandela ukushona kwakhe namhlanje  (ngoMsombuluko) ekuseni  esibhedlela saseGoli  kubika iTimesLive.

Yize imininingwane egcwele ingakaveli kulandela  ukushona kwakhe kuthiwa udadewabokaNcwane   uGugu ukuqinisekisile  ukuthi uNcwane ushone namhlanje (ngoMsombuluko)  kodwa wathi abakabi nayo imininingwane  egcwele.

Abaphathi baNcwane bebengakatholakali ukuba baphawule kanti ne-agent yakhe kanye nomzala wakhe bathe ngeke bakwazi ukuphawula.

Lezi zindaba zidalulwe owesifazane  othi usebenza   kwezempilo igama lakhe uMmatona Ntuane nokunguyena odalule ku-twitter.

Imininingwane egcwele iyalandela.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ohamba ngezinyawo ulimale kabi eshayiseka kungquzulana amatekisi amabili