Livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala

LIDEDELWE ngebheyili ka-R1000 iphoyisa laseMatsheni ngaseBergville, ngemuva kokuvela kafushane nkantolo yaseMnambithi ngoMsombuluko,mayelana necala lokubulala. Kubikwa ukuthi leliphoyisa elingu-Constable ekamu yamaphoyisa yaseMatsheni libhekene necala lokubulala uThemba Hlongwane (33), esigamekweni esenzeka emaphethelweni enyanga kaNcwaba kulonyaka.

Kubikwa ukuthi leliphoyisa lalingekho emsebenzini ngenkathi lithintwa ilungu lomphakathi, mayelana nomuntu owayedayisa impahla engamasekeni. Kukholakala ukuthi leliphoyisa labe selishaya lomlisa owagcina ngokuphangalala ngenxa yokulimala kwakhe kanzima, nalapho abaseshi baseMnambithi belibophe khona ngoMsombuluko maqede lakhululwa ngebheyili yenani eselidalulwe ngenhla. Lizophinde livela enkantolo ngomhla ka-19 kuJanuary ngonyaka ozayo.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kufunwa olahlekile eMnambithi