Ishaye amavosho iMeya ikhankasela  uNoma – Bheka ama-Video

Imeya yoMasipala uMsunduzi ukhansela Themba Njilo idansa ngesikhathi kunomkhankaso wokuvotela uNoma. Isithombe Lethiwe Makhanya.

 

IMEYA yoMasipala uMsunduzi uKhansela Themba Njilo  ushaye amavosho ngesikhathi kunomkhankaso wokuba kuvotelwe uNoma Khumalo okwi-top 2 kuma Idols namhlanje ngoLwesine.

Lo mkhankaso usungulweuMasipala uMsunduzi kanti bebehlose ngawo ukuba bathole amavoti anele ukuthi uNoma awine umncintiswano wama-Idols.

Umasipala unikele nge-WI-FI yamahhala ukuthi abantu bavote ku-wechat.UNjilo uthe bakwenza lokhu ukusiza uNoma awine lomncintiswano ukuze ezophakamisa umasipala wakhe uMsunduzi.

Kulomkhankaso kufike nomndeni wakhe uNoma nobonge kakhulu ukwesekwa okutholayo eMgungundlovu.

Ukuvotela uNoma ungathumela umqhafazo wenombolo ethi 04 ku 37400 noma uvote mahhala kwi-wechat.

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Imeya ithi izoqala umkhankaso wokukhuculula idolobha laseMgungundlovu