OwoSuthu angase abonakale kwi-BidVest Wits

ULinda Bhengu obegijima kuMaZulu ongase abonakale kwi-BidVest Wits University okumanje uzilolonga nesikwati seMCD Challenge yayo

ZIMHAMBELA kahle izinto umdlali obefolosa ku-MaZulu FC nobekuthenjwa ukuthi angawatakula enkingeni yokushaywa kwamagoli, njengoba esekhonjwa kwi-BidVest Wits University.

Lowo nguLinda Bhengu (20) osebonakale ezilolonga nesikwati seMulti Choice Diski Challenge okuyisikwati esisetshenziswa njengesiphakela iqembu elidlala ku-Absa Premiership.

UBhengu ongumfowabo kaPhumelele “Ace” Bhengu okungasacaci ngekusasa lakhe kulandela ukushukusha ibhentshi kwi-SuperSport United emva kokugqama kwi-Thanda Royal Zulu.

Lo mdlali waKwaSwayimane utshele iKZN Eyethu ukuthi akukho angakusho njengamanje ngekusasa lakhe kwi-Wits njengoba esazilolonge cishe izinyanga ezintathu.

“Ngicabanga ukuthi ekupheleni kukaNovemba ngizobe sengazi ukuthi sibekana kuphi nabaphathi be-Wits, okuyiqembu engicabanga ukuthi lizolicacisa ikusasa lami,”kusho uBhengu.

Ngokwemibiko yabasondelene noGavin Hunt umqeqeshi we-BidVest ithi uchazekile ngeminyakazo yalo mdlali , unethemba lokuthi uma elikhuphula izinga angase anikezwe ithuba eqenjini elikhulu.

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
AbomNyango bahlola iloli lengozi edlule nemiphefumulo ewu-8