UNyovest usezogcwalisa iMoses Mabhida Stadium

UZIHLANYISE kanje izihlwele uCassper Nyovest Eyadini Lounge eMlazi ngeSonto, okulindekele okufanayo kwi-Essence Festival ese-ICC ngempelasonto Isithombe: Sabelo Ngema

UMCULI weHip hop uCassper Nyovest ohlanyise izihlwele ecula eYadini Lounge eMlazi ngeSonto emva kokugcwalisa i-Orlando Stadium muva nje, usefuna ukuzogcwalisa iMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Lokhu ukusho ngsikhathi ezofudumeza le festival yodumo naye azodlala kuyo eThekwini. Abathandi bomculo bayishaye indiva eyemvula beza ngobuningi kule likhonsathi.

Ugcwalisa i-Orlando nje ubesanda kugcwalisa i-The Dome ngabalandeli abangama- 20 000.

“Kungani kumele kube yiGoli kuphela esigcwalisa khona inkundla, ngoyaka ozayo ngiza lapha KwaZulu-Natali enkundleni,” kusho uCassper. Phakathi kwezingoma azishayile ayisalanga i-Mama I made it.

Ushiyelene inkundla noDj Merlon benoMondli Ngcobo, uDj Euphonic, Dj Spectacular noNaves, uDj S’yanda, uDj Wobbly, uDj Tobzela, uDj Gukwa, uDj Feel, uDj Muntu nabanye.
Likhulu isasasa lalengqophamlando yefestiveli eyenzeka okokuqala ngqa kuleli kwelase-Afrika osekuphele iminyaka engaphezulu kwama-20 yabakhona eNew Orleans e-United States of America.

  AUTHOR
Sabelo Ngema

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuminze amadoda amabili ngempela sonto eKZN