I-ECR nomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabes ifazane nezingane

Ababeyingxenye yohambo lweSisters with Blisters Protest Walk belwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Isithombe:WEBSITE

UMSAKAZO i-East Coast Radio nenkampani i-1st for Women bagqugquzela umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ngohambo olubizwa nge“Sisters With Blisters Protest Walk”.
Lolu hambo luzoba ngoNovemba 20 ngo 8 ekuseni, Luzoqala futhi luphelele eChris Saunders Park Centenary eMhlanga.
Kuzobe kuqala ngqa ukuthi kube nohambo lwalo luhlobo eMhlanga okuhloswe ngalo ukugqamisa umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Ngokusho kuka-Anisa Ussuph okhulumela i-East Coast Radio, kuzongenelwa ngoR80 ibanga lika-5km.
Abahola impesheni bazokhokha uR35 kanjalo nezingane ezingaphansi kweminyaka eyi-12. Abafuna ukungenela abangene kule website:http://www.sisterswithblisters.co.za bacindezele kweyaseThekwini.
“Asihambe sonke njengembumba siyozwakalisa uvo lwethu ngoba kukhona amandla angabakhona uma siza ngobuningi futhi azokwenza umehluko omkhulu,” kusho uNksz Assuph.
Uthi kuthiwa iNingizimu Afrika inesibalo esiphezulu sabantu besifazane abahlukunyezwa ngokocansi emhlabeni.
UMnyango wezoBulungiswa ulinganisa ngokuthi oyedwa kwabane besifazane baseNingizimu Afrika basinda odlameni lwasekhaya.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kube yimpumelelo ukwethulwa kweLanson Champagne