Umasipala weTheku nesitolo sengqephu eMlazi

Oyimenenja yezokuMaketha eMega City Mall uNksz Thandeka Hlophe nekhansela uMnuz Sipho Kaunda kuvulwa isitolo sengqephu esisha. Isithombe: Thobile Zwane.

UMASIPALA weTheku wethule ngokusemthethweni isitolo esisha sengqephu esibizwa ngeleDurban Fashion Fair Emporium esiseMega City Mall eMlazi muva nje.
Ukubakhona kwalesi sitolo kube yisu likaMasipala lokusiza abasiki bengqephu ukuthi bakhangise izimpahla zabo abazithungayo.
Kuthiwa sizosetshenziswa ngabasiki bengqephu abayi-ngu-11okubalwa laba ababeqeqesha ngabakwaDurban Fashion Fair kuthi ababili benza ubucwebe nezikhwama.
UNksz Sindi Shangase wezemfashini kuMasipala weTheku uthi laba basiki bengqephu bakhethwe ngoba bekhombise ikhono lokukhiqiza izimpahla ezisezingeni eliphezulu.
Lo mcimbi ugqugquzelwe nguNksz Zola Myeza osakaza kwiGagasi FM kuhlelo olubizwa ngokuthi i-Take Off oluba ngoMgqibelo kusukela ngo 4-7 ekuseni nangeSonto ngo 4-6 ekuseni.dff1 (Medium)
Bekukhona uSihlalo we-Economic Developmemt Committe uMnuz Sipho Kaunda owamukele izihambeli wahalalisela nabasiki bengqephu ngale lithuba.
“Abahlali baseThekwini ngeke besayothenga izimpahla kude kodwa sebezoza lapha eduzane, kusizakale nabasiki bengqephu basemalokishini,” kusho uMnuz Kaunda.
Ugqugquzele umphakathi ngokweseka abasiki bengqephu ukuze bakhule kulo mkhakha kanti lokhu kuzoqhubeka nakwezinye izinxanxathela zezitolo.
Oyimenenja yezokumaketha uNksz Thandeka Hlophe obegqoke ezinye zezingubo ezidayiswa kulesi sitolo uthi kubalulekile ukuhi umphakathi unike abasiki bengqephu ithuba lokutshengisa ngomsebenzi wabo.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kunxuswa Ukuphakamela Isimo SaseHostela Kubaholi BaseMlazi