IMeya inxenxa umphakathi ukuba uvotele uNoma kuma-Idols

UNoma Khumalo owine umcintiswano wama-Idols ngeSonto.

 

UMeya wesifunda sase Mgungundlovu uNkk Thobekile Maphumulo usephonsele inselelo umphakathi wakulesi sifunda ukuba uvotele intokazi yaseMgungundlovu  engenele umncintiswano wama-Idols.

UNksz Noma Khumalo  ophinde abe nguthisha osafunda, wangenela lomcintiswano eThekwini kanti manje usehambe waze wafika kwi-Top 5.  UKhumalo ufundisa  esikoleni iMaritzburg Christian School.  UKhumalo usezakhele igama kulo mncintiswano njengoba ebalwa nezimfivilithi ezingase zikhale zemuke nalo mklomelo.

Kwisitatimende esithunyelwe uMaphumulo uthe. “ Siyaziqhenya ngo Noma njengoba eqhubeka nokubhakuzisa ifulegi laku lesi sifunda. Siyathemba ukuthi uzoqhubeka nokudlondlobala,” kusho uMaphumulo.

IMeya yesifunda saseMbgungundlovu enxusa umphakathi ukuba uvotele uNoma.

IMeya yesifunda saseMbgungundlovu enxusa umphakathi ukuba uvotele uNoma.

Lomncintiswano usingathwa okweshumi nambili kuwo lonyaka kanti uxhaswe isiteshhi u-Mnet.

UKhumalo ngesonto uqhulule iculo liba Beyonce u Heaven nokumdonsele amehlo amajaji  abengawuvali umlomo ngekhono lakhe.

Ukuze uvotele lenbtokazi umphakathi kufanele uthumele umqhafazo onenombolo 4 ku 37400   kanti futhi ungakwazi ukuvota mahhala ku we chat.

Ama -Idols adlala njalo ngesonto kusuka ngo 17:30 kuya ku 19:00 ntambama.

 

 

 

 

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UNgqongqoshe emngcwabeni wabafundi abawu-6 eDalton