Basale  dengwane kusha umuzi Kwa-V  

 


UCELA usizo umndeni waKwaSikhakhane osale dengwane kusha kungqongqa umuzi wawo onamagumbi ayi-6 ngenxa yekhandlela eMonkey Town eMlazi esigcemeni sakwaV ngempelasonto.

Lesi sigameko esishiye lomndeni ungenaluth,o kuthiwa sidawe wubudedengu bengane eneminyaka eyi-11 eshiye ikhandlela likhanya  kwelinye lamagumbi ebelingenawo ugesi. Umonakalo owenzekile ulinganiselwa ezindlekweni zika-R120 000.

Umlazi Eyethu ugasele kulo muzi wafica isimo sinzima, kushe konke kusele izindonga kuphela. Lomndeni ukhala ngayo yonke inhlobo yosizo ongaluthola, kusuka ekudleni, okokugqoka nezimpahla okungavalwa ngazo izikhala zokushile.

UMnuz Vusumuzi Sikhakhane (62) uthi abazi nokuthi bazoqala ngani ukulungisa njengoba kushe yonke into ebalulekile ezimpilweni zabo okubalwa nomazisi.

“Kushe kwangasala lutho, ukudla bekuphakathi obekuzosiqhuba inyanga yonke, umazisi wami, ngabe ngiyile ukuyohola imali yempesheni manje kushe kwasani.”
“Ngibonga nangu umakhelwane wami ofikile nokudla wasipha sakwazi nokudla nabanye apomakhelwane bethu abasixhasile ngokokugqoka,”kusho uMnuz Sikhakhane othole ukusha kancane esandleni nasekhanda.

Uthi balubikile udaba nakosonhlalakahle bathi kumele bathole omazisi ukuze babasize. “Siyile nasekhanseleni kodwa besingakalutholi usizo kwathiwa aliphilile lisabambekile ngenxa yokugula, kwathiwa asixhumane noMnuz Thabani Hlongwane obengakabuyi,” esho.

UNksz Nolwazi Nomfundo Sikhakhane (24) uthi umlilo udalwe ukuwa kwekhandlela.
“Ingane ena 11 ibeke ikhandlela phezulu komshini wokuwasha yaphuma, sibone ngelangabi sekusha kwafika nomakhelwame sazama ukucisha njengoba umlilo ubususha ngamandla kodwa ushise kancane indlu yomxhaso, siphume nezingubo ebesizifakile nje,” esho ngosizi.

Uthi kushe imibhede, isitofu esikhulu, inqola enamasondo, imali engama-R4000, amafoni amane abizayo, omabonakude abathathu, ifriji, osofa, izincwadi zezingane zesikole nokunye.
Ngeminye imininingwane ungabathinta ku: 0782636568

 

 

  AUTHOR
Sabelo Ngema

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuzodla amakhulu ezigidi ukulungisa izikole e-KZN