Akasezi eNingizimu Afrika  uMkhulu Bae

Isithombe: Facebook

 

KUZOBA khona  ukudangala okuningi kwabesifazane bakuleli njengoba sekuvele  ukuthi u-Irvin  Randle waseMelika owaduma ngelikaMkhulu Bae ,ngeke asaba ingxenye ye-Essence  Festival ezoba ngoNovemba nonyaka  eThekwini.

bae

Ngokubika kweSolezwe uMasipala weTheku usukhiphe isitatimende  usho ukuthi uMnu Rindle akayona ingxenye yezimenywa ezizoba kwi-Essence Festival. Uthe imibiko yokuthi uRandle uza  kuleli yasabalala kungaka qinisekiswa uhlu kodwa manje uhlu lokugcina seluqinisekisiwe kanti uMnu Randle akekho kulona.

Isithombe :Facebook

Isithombe :Facebook

UMkhulu Bae owaduma ezinkundleni zokuxhumana ngenxa nyendlela ayiyona nendlela agqoka ngayo, kwamenyezelwa ukuthi uzoba ezinye zezimenywa kwi-Essence Festival ezoba ngomhlaka 8 kuya kumhlaka 13 eThekwini. Lokhu kwavela maphakathi nonyaka ngemuva kokuba izikhulu zikaMasipala  weTheku eziyingxenye wokuhlelwa kwalomcimbi zazihambele eNew Orleans  kugunjwa iminyaka  engu-20 kwasungulwa lefestiveli, nokuyilapho abahlangana  khona noMnu Randle.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
BUKA iVedio: UKaunda uthembisa ukushushiswa komshayeli nomnikazi wetekisi yenhlekelele