update


Kuphinde kwashiswa e-UKZN eMgungundlovu

 

KUPHINDE kwaqubuka omunye umlilo eNyuvesi yaKwaZulu Natali ophikweni oluseMgungundlovu ngoLwesibili ebusuku njengoba kushe indawo yamabonakude  endaweni yokuhlala abafundi iMelherbe , ihhovisi lothisha e-Lab  kanye nomnyango we chamber e-DSLT.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngezintathakusa zngoLwesithathu kanti sekuboshwe abasolwa ababili abatholwe ngaphakathi kulezindawo ezishile.

Okhulumela amaphyoisa esifundazweni saKwaZulu-Natali uMajor Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko esho nokuthi sekukhona ababoshiwe. “ Kuboshwe abasolwa ababili ngokusha kwendlu kamabonakude kanye nezinye eNyuvesi yaKwaZulu Natali ophikweni oluseMungundlovu. Okwamanje akwaziwa ukuthi abasolwa bangabafundi  bakulenyuvesi noma cha. Uphenyo lusaqhubeka,”kubeka uZwane.

Ngesikhathi leliphephandba lihambele lenyuvesi ngoLwesithathu abafundi bebeya emakilasini kodwa onogada namaphoyisa bebetshalwe yonke indawo.

varsy

Kwenzeka konke loku nje kukhona abafundi abangu 19 bakulenyuvesi ababoshiwe abasalinde isinqumo sabo sebheyli.

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Amatshe ezulu eMgungundlovu