OweGagasi FM noZalo emjahweni wamalokishi

UMSAKAZI weGagasi FM futhi ongumlingisi kuZalo uKini Shandu naye uzongenela iTownship To Township Marathon engoSepthemba 25. Isithombe: Sithunyelwe

UMJAHO iTownship To Township Marathon (T2T) ezosukela eKing Zwelithini Stadium eMlazi iphelele KwaMashu Princess Magogo Stadium ngoSepthemba 25.
Lo mjaho uhlukaniswe izigaba ezimbili okungewabanga lika-42.2 km no-21.1km. Yomibili izoqala ngo-5.30 ekuseni kanti owe-half marathon uzosukela eSasol Garage eChesterville.
I-T2T isungulwe ngo-2009 ukugqamisa futhi igcine umlando woMlazi, i-KwaMashu namalokishi aseChesterville ngendlela yokukhuthaza ukugijima kule miphakathi.
Umhleli walo mjaho uSam September uthi lomncintiswano usukhule kakhulu ngezinombolo.
“Lo mncintiswano usukhule kakhulu futhi usuvelele, kumcimbi walonyaka kufanele ubemkhulu futhi ubengcono kakhulu kunakuqala”, kusho uSeptember.
Kulo mjaho kuthiwa abasubathi abahlonishwayo amawele akwaPhalula azoba yingxenye yalo mncintiswano.
“Sijabulile kakhulu nge-Township to Township Marathon, sihlele ukuthi sigijime kahle futhi sikwazi nokungena kwiTwo Oceans Marathon”, kusho uDiana Lebo Phalula.
I-T2T 2016 inhloso yawo wukuvezwa kwabantu abaphuma emalokishini futhi bagqugquzeleke okubalwa kubo abanjengoS’bahle Siba ongunobuhle waseMlazi noKini Shandu weGagasi FM odabuka KwaMashu.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ibhungu laseMlazi lithembisa uku-rocka nge-albham i’Progression’