Isibonakala kuZalo insizwa yaseHowick  

USimphiwe Mkhize odlala indawo kanesi kuZalo. Isithombe : Facebook

 

 

IQALILE ukuvela emdlalweni kamabonakude uZalo odlala ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ku-SABC1  insizwa yase lokishini laKwaMevana eHowick.

USimphiwe Mkhize (25) odlala  indawo yokuba ngu nesi kulomdlalo,  yazakhela igama elikhulu emidlalweni yamafilimu  okubalwa kuyona nethi Isono saBazali kanti iqale ukubonakala kuZalo ngesonto eledlule.

Ekhuluma naleliphephandaba ngokuvela kwakhe okokuqala kulomdlala  uKhabazela uthe iphupho lakhe lifezekile.

“Nginesifiso sokuba umphakathi uqhubeke  nokungesekeza ngiphinde ngikhuthaze nentsha esakhula  ukuba  ingalilahli ithemba kulendima enezihibe yezokulingisa,” esho nokuthi ubonga umphakathi wakulendawo  ngokumeseka ikakhulukazi owaKwaMevana obuwa uvuka naye.

Uqhube wathi ukuqopha lomdlalo kumunikeze  isipiliyoni esikhuleni endimeni yezokulingisa kanti futhi kuyamujabulisa ukulingisa anabantu abangaconsni phansi.

UMkhize uthe sekulokoza inhlansi yethemba ngokusabalala kulendima. “ Nakuba ngingeke ngikwazi ukuba nginabe okwamanje kodwa kuningi okuthembisayo okuzayo,” kusho uMkhize.

UZalo okuyisiqephu esididiyelwe uNkk Gugu Zuma-Ncube ongundodakazi kaMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma sibonakala kwisteshi U-SABC ngezikhathi zabo 08:30 kusihlwa kusukela ngo Msombuluko kuya ngo Lwesithathu.

 

  AUTHOR
Mfundo Mkhize

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bakhala bezithulisa abangani bomnini wetekisi obulewe