SEBEQINISEKISIWE ABAHAMBAYO KWI CHIEFS

IQEMBU  le Kaizer Chiefs seliwaqinisekisile amagama abadlali abazohamba  kulekilabhu. Ngokwesitatimende esikhishwe ilekilabhu bangu-20 abadlali abazoyidedela bahambe.

USiyanda Xulu ufakwe endalini, abakhankasi besizini  u- Morgan Gould kanye no- Siboniso Gaxa  bona izinkontileka zabo zisophelelwa yisikhathi ngokuphela kwa-Juni, kanti futhi ngeke zivuselelwe Amakhosi asekuqinisekisile nokuhamba komdlali waseswini u- Reneilwe Letsholonyane kanye nonozinti u Reyaad Pieterse. ULetsholonyane usejoyine iqembu i- SuperSport United. Izinkontileka zalaba bobabili zizophelelwa yisikhathi ngokuphela kwa-Juni.

UKeegan Ritchie, okwamanje uzojoyina i SuperSport United eshintshana no- Sibusiso Khumalo.

Abagadli u- Edward Manqele, Bongani Ndulula kanye no- Siphelele Mthembu bafakwe endalini. Isivumelwano semali sika- David Zulu ne- Chippa United sizonwetshelwa enye isizini. Abadlali base- Uganda u- Ivan Bukenya kanye  no- Sula Matovu nabo bafakwe endalini. Inkontileka yomdlali waseswini waseZimbabwe u- Ovidy Karuru seyiphelelwe yisikhathi.

Uhlu lwabadlali abahambayo:

IZINKONTILEKA ZABO  EZINGAVUSELELWANGA

Morgan Gould
Siboniso Gaxa
Reneilwe Letsholonyane
Reyaad Pieterse

ABADEDELWE KWIZINKONTILEKA

Philani Cele
Ovidy Karuru
Levy Mokgothu
Simphiwe Mtsweni
Shandukani Mulovhedzi
Chris Matombo
Zitha Macheke

 

ABAFAKWE ENDALINI

Siyanda Xulu
Bongani Ndulula
Edward Manqele
Siphelele Mthembu
Sula Matovu
Ivan Bukenya

ABABOLEKISAYO

David Zulu (Chippa United)
Andisiwe Mtsila

ABASHINTSHANAYO

Keegan Ritchie (noSbusiso Khumalo weSuperSport United)

 

 

  AUTHOR
intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kukhulekelwe abafundi bakamatikuletsheni eNjoloba