Amathiphu kwabengele iBig Walk 5km

ABETHULI bezinhlelo ze-East Coast Radio abethuli bezinhlelo ze-East Coast Radio uZaba Simbine, Bongani Mtolo, Darren Maule noDamon Beard sebekulungele ukusiza ababhalisele iDiscovery East Coast Radio Big Walk eseThekwini ngoMeyi 22.Isithombe: Abhi Indrarajan

Kulo mjaho okhula unyaka nonyaka , sesifinyelele ku-30 000 isibalo sabawungenele kanti akusezukwamukelwa muntu. Abangangenanga sekufanele bazame ngonyaka ozayo.

Nazi izinto okufanele uziqikelele futhi ubenazo ngelanga lalo mjaho :

1. Isikibha sakho nenombolo yakho yokugijima. Ngeke ukwazi ukuhamba ngaphandle kwakho. Uzokwazi ukuzolanda isikibha,nenombolo yokugijima nesikhwama eMoses Mabhida kusukela mhlaka 19 kuya ku- 21 Meyi.
2. Kuzobe kumnandi, kodwa lokhu kuzokwenza anyuke amazinga okushisa ngosuku. Ngakho- ke gqokani izinto zokusitha ilanga nomndeni wakho, ngingakhohlwa wukuphatha amakepisi nezigqoko.
3. Izicathulo ezithokomele. Uma ungenele ibanga lika 5km ,10km noma u-20km, ukuhamba amabanga azoba umthwalo ezingxenyeni ezahlukene zomzimba. Khetha izicathulo ezikhanyayo futhi ezintofontofo ukuze ungeke uzithole unamabhamuza .
4. Umakhalekhukhwini wakho. Labo abathanda ukuzishutha ama-Selfie #HealthySelfies bangazithola besethubeni lokuwina imiklomelo emihle!
5. Ukujabula kwakho! Kuzobamnandi ekuseni yiza uhlomile namahlaya akho futhi wenze abangani abasha. Ngeminye imininingwane ngena ku: www.ecr.co.za

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Imbokodo Jazz Festival izophakamisa abesifazane