Owe-Artist on the mic uthembisa ubungcono ezimbongini

Iqembu lomculo lwe-Acapella ebizwa ngokuthi i-Prosperity AMG ebinandisa kulomcimbi wezaimbongi e- Umlazi Commercial kwa V ngempelasonto.

OYIMBONGI aphinde abe ngumgqugquzeli womcimbi wezimbongi i-Artist On The Mic uthi imicimbi yezimbongi isazokhula ube sezingeni eliphezulu. Lokhu ukusho emcimbini obuse Umlazi Commercial kwa V ngoMgqibelo.

Lokhu ukusho emcimbini obuse Umlazi Commercial kwa V ngoMgqibelo. Lomcimbi wesibili wezimbongi ube impumelelo ngoba wonke umuntu uphume egqugquzelekile futhi befunde okuningi emuva kokuzwa izinkondlo abezihaywa izimbongi ezahlukene zaseMlazi.

Kulokhu izimbongi ezimbili ezinikwe ithuba lokuthi zisine zidedelana zihaya izinkondlo zabo emsakazweni wesiteshi somphakathi i-Nanda FM. Lezimbongi ezingene emoyeni uMazwi Shazi noMalusi Sibisi. Umhleli walo mcimbi uthi ujabulile kakhulu ukuthi intsha itheleke ngobuningi.

Uyimbongi aphinde abengumgqugquzeli womcimbi uBongani Mpisane wakwa J uthwetshulwe esemcimbini wezimbongi  osanda kuba seMlazi Commercial  High School

Uyimbongi aphinde abengumgqugquzeli womcimbi uBongani Mpisane wakwa J uthwetshulwe esemcimbini wezimbongi osanda kuba seMlazi Commercial High School

“Ube impumelelo ngoba wonke umuntu ubukeke ejabule futhi lokhu kuyangigqugquzela ukuthi ngenze okuningi, ngiyabathembisa ukuthi ngizothola ezinye izimbongi ezizoba yingxenye yalomcimbi”, kusho uMpisane.

Omunye obethamele lomcimbi uMduduzi Cele wase-Engonyameni uthi ube yimpumelelo futhi ubumnandi kakhulu yize uqale emuva kwesikhathi ebesihleliwe.
Umcimbi olandelayo wezimbongi ungeSonto lokuqala ku Juni.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uqondise iphutha ngemiklomelo kazime