Isoka libhunyele indodakazi yentombi ngophethiloli

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asesiteshini iBhekithemba uKapteni VL Bhengu uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokuba ebikelwe ngalesigameko.

Uthe ngoMsombuluko mhlaka 8 kuMashi uNksz Buyile Mavis Myeza uthole ucingo oluvela esokeni lakhe limazisa ukuthi selibhunyele indodakazi yakhe ngophethiloli.

Indodakazi egagulwe ngoThokozani Happiness Myeza kubikwa ukuthi yaphuthunyiswa esibhedlela iPrince Mshiyeni lapho ithole khona ukwelashwa njengoba yayishe kakhulu.

Umsolwa ubengakaboshwa.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
BUKA: Sizuze indondo yegolide isibhedlela i-Edendale