Ezikaqeda Isizungu ngonyaka ka 2015 (Ingxenye yesibili)

UCassper Nyovest oqophe umlando ngokugcwalisa iDome.

ROBERT MARAWA

Intandokazi yomethuli wezemidlalo wakuleli uRobert Marawa uke wabhekana ngeziqu zamehlo nobaby mama wakhe uZoe Mthiyane obedimanda ukuthi akhokhe cishe imali engu R29, 900 ngenyanga yesondlo. UZoe usole uRob ngokukhipha imali encane ukondla indodana yabo u-Awande kodwa bese ethushuka ezomsabisa ngokuthi uzomthathela izinyathelo zomthetho uma engavunyelwa ukuthi ayibone.UZoe wakhala ngokuthi uRob uhola cishe imali engu R300 000 ngenyanga kodwa ukhipha uR2500 nje  vo ukondla indodana yabo.

ZIZO BEDA & MAYIHLOME TSHWETE

Lililili! Abaphethe kahle unyaka ka 2015 umethuli wezinhlelo kumabonakude uZizo Beda kanye nesoka lakhe uMayihlome Tshwete ababophe ifindo likasofa silahlane. UZizo ubopha ifindo likasofa silahlane nje bese kuvele ukuthi uzithwele okwenze abantu abaningi bacabanga ukuthi ushade ngoba efuna ukufihla isisu. Akusenani ke asibabongele sithembe ukuthi bazophathana kahle emshadweni wabo. Kube kuhle ukubabona bethola iHappy Ending. Sesijahe ukubona ingane yabo esicabanga ukuthi izoza uma kuqala unyaka ka 2016.

BOITY NO CASSPER

Kwenzeke into engingathi ibilindelwe yiwo wonke umuntu ngesikhathi uBoity no Cassper Nyovest beveza ukuthi sebephinde babuyelana. Labosaziwayo bake bathandana phambilini kodwa bahlukana. Badida abaningi ngesikhathi uBoity ebonakala egqoke indandatho yesithembiso somshado kodwa wabuye wacacisa ukuthi uCassper wayemnike yona njengesithembiso sokugcina uthando lwabo. UCassper no Boity bake bazama ukusididisa ngokuthi bangabangani nje kuphela kodwa babuye bahluleka bakithi.

R MASHESHA

Iqembu lomculo laseMlazi iBig Nuz lishayeke ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi kudlula emhlabeni ilunga layo uSibusiso ‘R Mashesha’ Khomo. UMashesha udlule emhlabeni emuva kokugula isikhathi eside kanti okubi kakhulu ukuthi washona sekusele izinsuku kuphume i-albhamu yabo ethi ‘For the Fans’. UMashesha ushone ngenyanga ka Agasti nonyaka emuva kokuthi kuke kwasabalala amahlebezi okuthi useshonile kodwa ebe esaphila.

Ilunga le-Big Nuz elidlule emhlabeni uSbusiso ''R Mashesha'' Khomo.

Ilunga le-Big Nuz elidlule emhlabeni uSbusiso ”R Mashesha” Khomo.

AYANDA THABETHE NO ANDILE NCUBE

Kube muncu ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi umethuli wezinhlelo zikamabonakude u-Andile Ncube nonkosikazi wakhe bahlukene. Akukaze kuvele nokho ukuthi baxatshaniswe yini kodwa kwabonakala ngokuthi u-Ayanda ashintshe abuyele esibongweni sakubo sakwaThabethe ezinkundleni zokuxhumana. Laba bebeshade ngo April wonyaka ka 2014 kanti kuke kwaphuma izindaba ezithi u-Ayanda uke wathandana nabesifazane phambilini.

PROVERB

Umrepha wakuleli uProverb nobuye abe ngumethuli wama Idols uke wangena ehlazweni ngesikhathi kuvela ukuthi unkosikazi wakhe ube nobudlelwano nosomabhizinisi waseGoli. Lezindaba zashaqisa abantu abaningi zaphinde zafaka lomrepha ngaphansi kwengcindezi njengoba abantu abaningi babefuna ukwazi ukuthi uzomdivosa yini unkosikazi wakhe. UProverb nonkosikazi wakhe banezingane ezimbili kanti uProverb kanti ngoDisemba kuphume ukuthi bakhethe ukudivosa emuva kwalesiwombe.

KAY SIBIYA NO ZOOKEY

Zithande ukushuba izinto phakathi kukaKay Sibiya odlala kuZalo kanye no baby mama wakhe uZookey. UZookey uveze ukuthi uKay abethandana naye wamyalela ukuba akhiphe isisu kodwa wanqaba. UZookey waveza ukuthi ngisho nomndeni ka Kay wamthuka njengoba bathi akahambe ayokwenza i-DNA ukuveza ukuthi ngempela ingane eyakhe. Ngaphandle nje kwesigemegeme sika baby daddy, uZookey uphinde waxoshwa isiteshi abesisebenzela iGagasi FM emuva kokuthi udube umsebenzi.

SOMPISI

Omunye futhi okwezikaqeda isizungu odlule emhlabeni uMnuz Tiki Nxumalo obedume ngelikaSompisi ngenxa yendawo ayeyidlala kuGenerations endala. USompisi owayedume ngokucela itiye lakhe kuGenerations lapho ayedlala khona indawo kababa kaRuby onesifo sokukhohlwa. Kubikwa ukuthi lomlingisi watholwa elele phansi emzini wakhe oseLamont eThekwini.

  AUTHOR
Nokthula Khanyile

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Unxusa usizo ohlala kwindlu engawa noma inini