Bekuhlephuka umhlathi kowesibhakela

USthandiwe Ngcobo ehlephulana noRushda Mallick

KUQHUME isibhakela eWild Coast Sun ngoLwesihlanu ebusuku lapho bekukhona abantu abavela ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika abebezodlala umdlalo wesibhakela.

Bekukhona nabasemazweni angaphandle okubalwa kuwo i-Argentina kanye neCongo. Lomdlalo uqale ngezithuba zantambama kwaze kwaba sebusuku. Lomdlalo ubudlalwa ngisho ngabantu besifazane, behlephulana imihlathi ngesibhakela.

Izithameli beziphume ngobuningi bazo zizobukela. Futhi bekugcwele zonke izinhlanga zabantu. USiphamandla Baleni waseMthatha uthathe isicoco seWBA Pan African Mini Flyweight, emuva kokulwa izigaba eziyi-12 kulobusuku.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Usuvuliwe uN3 lapho kuwe ibhuloho