Ziwinele amathikithi okuyobuka i-One Direction

INGABE ubucabanga ukuthi amathikithi okuya ekhonsathini le-One Direction asedayiswe wonke? Yebo kunjalo kodwa i-EyethuKZN iphisana ngamathikithi okuyobuka le-bhendi njengoba izobe ivakashele lapha eNingizimu Afrika ngenyanga ka Meyi.

Uma ungumthandi nomlandeli wezindaba ze-EyethuKZN usethubeni lokuziwinela elilodwa lamathikithi ahamba ngamabili amahlanu okuya ekhonsathini le-One Direction Concert eGoli ngoMgqibelo womhlaka 28 MASHI 2015.

 

7113778_orig-Custom-423x307

Ungenela kanjani?

Cofa noma ikuphi lapho kukhona  khona  isithombe se-One Direction esifakiwe kuloludaba.

Cofa kwisithombe sizokudonsela ephejini lomncintiswano.

Faka imininingwane yakho bese uyayihambisa.

Kalula kanjalo!

Enza isiqiniseko sokuthi uyayidlulisela kubangani bakho baku-Facebook ukuze bangaphuthelwa  ithuba lokungenela umncintiswano nabo

Ukungenela kaningi kukubeka emathubeni okuwina.

 

one-direction-Custom-423x282

 

Imithetho: (Rules)

Yonke imithetho yakwa Caxton iyasebenza kanti futhi ungayibona kwi website engezansi ephejini.

Umklomelo ubala amathikithi abantu abahlanu kuphela. Konke ukugibela,  indawo yokuhlala kanye nokudla kuphuma ekhukhwini lalowo ozobe ewinile kanti –EyethuKZN ngeke ibhekwe ngokungahle kukwehlele noma ukulimala  okungenzeka. Umncintiswano uvulwa ( 20 Februwari 2015) ube usuvalwa 20 Mashi  2015 ngo-12 emini.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uqondise iphutha ngemiklomelo kazime