Ubushubile umdlalo e-Albersville

Abadlali be-Shoprite kanye nabe Wild Coast Stars bejikana ezikundleni zase-Albersville.

IQEMBU le-Wild Coast Stars lifake igoli lalo lokuqala kungakapheli ngisho imizuzu engu-15 bengenile emdlalweni wabo neShoprite. Lomdlalo ubusezinkundleni zase-Albersville.

Yize isimo sezulu besingesihle kepha lokho akuwambanga lamaqembu ukuthi adlale ingqamu njengoba isiwombe sokuqala siphele womabili esefake amagoli. Kuthe sekubuyelwe esiwombeni sesibili iqembu le-Shoprite labuya ngamandla njengoba livese lafaka amagoli amabili. 

Iqembu le-Wild Coast Stars nalo lifake elilodwa kepha i-Shoprite yangcina iphumelele ngamathathu kwamabili.

  AUTHOR
Fundiswa Mzobe

Latest News

COMMENTS

Top