Uqambe amanga kuTwitter wathi ukhulelwe ingane kaTrevor Noah

SEKUTHUSE abaningi okwenziwe intombazanyana esencane ethuthukele enkundleni yezokuxhumana uTwitter yatshela abantu ukuthi ikhulelwe ingane kasomahlaya walapha eNingizimu Afrika uTrevor Noah.

Lentombazanyana ezibiza ngo @MissJGreen18  ishukumise uTwitter ngokuqamba amanga ithi ikhulelwe ingane kaTrevor. Ngokusho kwalentombazanyana ithe beno Trevor bazimbandakanya ocansini yabe isiyakhulelwa.

Ekugcineni kuvele ukuthi lentombazanyana yenze lokhu ngoba ifuna losomahlaya ayinake. Phakathi kwezinye zezinto ezishilo ithe, “ Nginamasonto ambalwa ngizithwele, usuyangiziba futhi usufuna nokungibalekela. Ngiyazi uyayifunda lemiyalezo ngicela unginake. Yiba yindoda, nginontwana wakho.”

Iqhubeka iphinde yathi, “ Ngiyaxolisa bengingafuni lokhu kwenzeke, kodwa ngizotshela abezindaba ukuthi uzimbandakanye ocansini nentombazane esencane wabe usuyikhulelisa.”

Iphinde yatshela losomahlaya ukuthi akayeke ukuyithumelela imiyalezo yangasese kodwa abhale odongweni lwayo kuTwitter.

UTrevor uvele wawaphendula ihlaya lamahlebezi wathi, “Emizuzwini nje ngisendizeni elibangise eScotland manje sengingubaba? UTwitter uzokutshengisa izimangaliso.”

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uyobunela ejele kabili olahlwe amacala okunukubeza abafana ngokucansi