Sport

USanele Ndlela owine umjaho iMngeni Half Marathon.

Uvivela iComrades owine iMngeni half marathon

UPHOKOPHELELE kwiComrades Marathon ophume phambili emjahweni we Mngeni Half Marathon obungempelasonto eMidmar Dam. USanele Ndlela (26) ubashiye engathi bamile akade bengenele lomjaho obungamakhilomitha angu 42,2 obuhlelwe amakilabhu iCollegians Harriers kanye neHowick Athletics. Kulonyaka lomjaho ubugubha iminyaka eyi-17 ubuhlelwe ukuba uqondane nesonto lokuqwashisa  abantu ngamanzi kwazise ubuxhaswe inkampani ephakela ngamanzi eyisikhondlakhondla uMngeni.  UNdlela oqhamuka Kwa Shange…
Kungesikhathi kukhuphuka imimoya emdlalweni womkhaya ngonyaka odlule phakathi kweChiefs nePirates. Lezimbangi zizobhekana kuloMgqibelo e-Orlando Stadium. Isithombe abakwaBackpagePix.

Qhude manikiniki zindala zombili

IZIHLABANI ezazingaconsi phansi kubalandeli nakubathandi bebhola uMzansi wonke eminyakeni eyadlula zithi i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kungenzeka badlale ngokulingana kulempelasonto. IBhakaBhaka eselibuye ngamandla kulezinsuku lizobhekana nezimbangi zalo ezindala nezeminyaka amaKhosi Amahle, lomdlalo uzobuyela  kwesikamaminzela esidala nalapho iBhakaBhaka yazalelwa khona e-Orlando Stadium. Owayengukaputeni kwezimnyama isikhathi eside uDan Malisela uthi akawuboni lomdlalo uba namagoli amaningi ngezizathu ezimbili. “Kulezinsuku…
UBUHOLI bukaThanduyise “Gonondo Uyesabeka” Khuboni budingeka kuyo yonke imizuzu yemidlalo esalele iLamontville Golden Arrows ukuze iphephe ezembeni Isithombe: Backpagepix

Kubanjwe umoya kuBafana Besithende

UKUNQOBA kwamaqembu aKwaZulu-Natali kweyeNedbank Cup ngeledlule, kufake ugqozi kwiLamontville Golden Arrows ngokuqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni wayo ne-University of Pretoria oseKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Yize isimo sibukeka singesihle kwi-Arrows ngekusasa layo elimfiliba, abantu abazithola bekwenkulu ingcindezi nguShaun Bartlett umqeqeshi nephini lakhe uBheka Phakathi, kodwa abangakalilahli ithemba. Ukuqhoqhobalwa yila madoda kwezintambo zokuqeqesha,  sekuletha amathenjana kubalandeli selokhu kukhonjwe uMark Harrison indlela   emva kokuba wukudla kwenduku kwe-Arrows. UPhakathi okhulele kule liqembu uthi kufanele baqoqe amaphuzu kuyo yonke imidlao ebasalele. Uthi akukhathaleki ukuthi basekhaya noma ekuhambeni ukuze bagweme  izembe ekupheleni kwesizini. Kufika lesi simo nje kwi-Arrows, bobabili benoBartlett abakathenjiswa lutho ngezikhundla ezigcwele zokuqeqesha njengoba besabambe izintambo. UPhakathi akavumi kuthiwe yibo okufanele babambe izintambo zokuqeqesha “Kusekuseni ukuthi sesingaze sisho njalo, okwamanje kufanele sisebenze kanzima, sikhuphuke  sisinde ezembeni. “Nomsebenzi wokuhlanganisa iqembu nokubuyisa ithemba kubafana ubalulekile. “ Eyabahambayo nabazoqeqesha okwamanje ake siyikhohlwe nje, kusetshenzwe     ngokubambisana,” kusho lo mqeqeshi. Uthi ubumnandi bomdlalo namaTuks wukuthi  usekhaya. Kusasa  ngoLwesihlanu    iMaritzburg United “Team Of Choice” ibuyela ekhaya lapho izobhekana khona neMoroka Swallows eHarry Gwala Stadium ngo-7 30 ebusuku. Umqeqeshi weTeam Of Choice uSteve Komphela uthukile wabuye wazwakalisa  ukujabula ukuthi ezakhe ziwinile ngesikhathi bedlala neBlack Aces. Nokho uKomphela usakhala kakhulu ngendlela yokucabanga nokuqina komqondo wabadlali  bakhe basemuva, ikakhulukazi uma sekuyiwa ngasemaphethelweni. “Ukudlala kwethu angisakhali kakhulu ngakho kodwa ngisasho ukuthi amehlo nemiqondo yethu kufanele ihlale ivulekile, sikwazi ukuqapha nxazonke size siwuqede umdlalo. “Kufanele sizibambe ziqine sikwazi ukuwina kunoma naliphi iqembu. kodwa kufanele silungise lamaphutha,” kusho uKomphela. Eminye imidlalo iboshelwe kanje: NgoLwesihlanu Maritzburg United vs Moroka Swallows- Harry Gwala Stadium (7.30pm); Ajax Cape Town v Polokwane City…
UKUNQOBA kwaMaZulu FC i-United FC emdlalweni osekuhambeni weNedbank Last 32 ngempelasontokuzowubuyisakanje umdlandla kubalandeli boSuthu

I-United elinye lamathemba e-KZN kowe-Nedbank

NAKUBA amehlo ezothi njo emaqenjini aKwaZulu-Natali azodlala kwiNedbank Cup Last 32, akukho okwedlula isasasa loweMaritzburg United ezowudlala neMpumalanga Black Aces eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. Isasasa lalo mdlalo lisuka ekutheni womabili lamaqembu abedlana imilala koweligi ngempelasonto okunqobe kuwo i-Aces ngo-2-1. Nakuba ungasewona oweligi kodwa i-Team Of Choice izolwela ukungakhishwa esibayeni sayo kwazise nalomqhudelwano ungocebe ukuyedlula yonke kwiPremier Soccer League (PSL). Mine imidlalo ezodlalwa ngamaqembu aKwaZulu-Natali kulo mqhudelwano kanti emithathu yayo idlalelwa ezinkundleni zawo ngaphandle kowaMaZulu ne-United FC osekuhambeni. Yize izinto zingayihambeli neze kahle i-Orlando Pirates, abalandeli abakugqizanga qakala ukungaqoqi kwayo amaphuzu agcwele, bawathenge wonke amathikithi omdlalo wayo neThanda Royal Zulu ose-Umhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama. Lo mdlalo unbalulekile kakhulu kwiThanda ngasezimalini njengoba isimo sayo singesihle kwilog yePSL First Division, kufanele igweme izembe ekupheleni kwesizini. Amathikithi ale midlalo ayatholakala kuma-computicket nakwaShoprite Checkers ezweni lonkwe ngoR40 kwabadala noR10 ezinganeni ezineminyaka engaphansi kweyi-12. Ziwinele amathikithi amabili okubuka umdlalo weCity of Choice naMaZayoni ngokuphendula lombuzo: Udlalelwa kuphi umdlalo weMaritzburg United neMpumalanga Black Aces?  Phendula ngoku-sms kule nombolo 42283. Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup iqhathwe kanje: NgoLwesihlanu: Ajax Cape Town vs. Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium, 20h00);  NgoMgqibelo: Thanda Royal Zulu vs  Orlando Pirates (Umhlathuze Sports Complex, 14h30);  Free State Stars vs. Witbank Spurs (Goble Park Stadium, 15h00);  AmaBEE FC vs. Bidvest Wits (Sinaba Stadium, 15h00); Platinum Stars vs. Great North FC (Royal Bafokeng Sports, 15h00); L. Golden Arrows vs. Polokwane City (King Zwelithini Stadium, 18h00);  University of Pretoria vs. SuperSport United (TUKS Stadium, 20h15);  Maritzburg United vs. MP Black Aces (Harry Gwala Stadium, 20h15); Moroka Swallows vs. Mbombela United FC (Dobsonville Stadium, 20h15). NgeSonto:  Black Leopards vs. Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium, 15h00);  Milano United vs. Bloemfontein Young Tigers (Wynberg Military Base,…
Abadlali beqembu i-Orlando Pirates okumanje icijwa ibamba u-Eric Tinkler othathe izintambo emuva kokushiya kuka Roger De Sa.

Akakhali ngalutho uTinkler kwiBhakabhaka

UMQEQESHI osabambile kwi-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uthi izinto azizimbi eqenjini selokhu ethathe izintambo. Uthi ukuwina umdlalo wokuqala neqembu aliqeqesha isikhathi eside iBidvest Wits kusho lukhulu. UTinkler uthi ukuwina ngo 2-1 kwiWits emva kokulandela emva ngo 1-0 ngasekuqaleni komdlalo kwamchaza futhi kunomlayezo. “Kwangijabulisa engakubona futhi kwanginika ithemba ngekusasa laleliqembu. Bangitshengisa ukuthi bayakwazi ukubuya noma sebephansi, bedliwa….
Kungesikhathi uJabulani Shongwe weMamelodi Sundowns ebanga ibhola noSifiso Myeni we-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ngesizini edlule, nalapho iSundowns yaguqiswa khona. IPirates ingene kulomdlalo obuse-Orlando Stadium icijwa obambe isikhundla sokuba umqeqeshi u-Eric Tinkler kulandela ukusula kuka Roger De Sa ngeSonto eledlule. Isithombe Chris Ricco/BackpagePix

AMakhosi eza e-Harry Gwala Stadium

AMAPHAPHU phansi, amaKhosi ayeza eMphithi. Kubalandeli beKaizer Chiefs kanye nabathandi bebhola kuyo yonke iKwaZulu- Natali, abebecabanga ukuthi umdlalo omkhulu phakathi kwalezingqungqulu zaseSoweto neMaritzburg United bekungenzeka ubalahlekele uye eMoses Mabhida, abakhululeke. Lomdlalo osekukhulunywe ngawo kakhulu uzoba ngoLwesibili mhlaka 11 Febhuwari kusihlwa ngehora lesikhombisa. Kunxuswe abalandeli bebhola ukuthi abathenge amathikithi alomdlalo kusakhanya ngoba aseyatholakala ezikhungweni zamathikithi kanti athengwa…
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger Di Sa ohlaselwe abalandeli baleliqembu ngoLwesine ntambama emva kokuba iPirates ibambane namaZulu ngo 1-1

AbePirates abeneme ngomqeqeshi wabo

UMQEQESHI weqembu lebhola lezinyawo iPirates uhlaselwe yiqulu labalandeli beqembu lakhe bemjikijela ngamabhodlela nokunye ngesikhathi ephuma enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngoLwesine ntambama emva kokuba iPirates ibambane namaZulu ngo 1-1. Abalandeli bePirates bebelindele ukuba leliqembu linqobe kodwa laziphuthisela ngamathuba amaningi, amaZulu atshengisa ukudlala ngokuzimisela. U-Ayanda Gcaba nguye ovule inkundla yokukora efakela iPirates igoli sekungumzuliswane wesibili womdlalo, akangapholisa…
UBradley Grobler weSupersport United ebanga ibhola no-Lucky Lekgwathi beno- Andile Jali be-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ubuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo odlule lapho iPirates iguqiswe ngo 2-1. Namahlanje iBhakabhaka lizobhekana naMaZulu eMoses Mabhida koweligi. Isithombe abakwaBackpagePix.

Selusukile ushikishi lwe – PSL

USHIKISHI lokudlalwa kwemidlalo ye-PSL seluqalile. Kanti ngendlela ebukeka ngayo lemidlalo, sekuyosinda amadoda ngempela ngoba iboshelwe izacile. Njengobekuvele kulindelekile i-Orlando  Pirates iqale kabi ngoMgqibelo odlule ngesikhathi iguqiswa yi-Super Sport United ngo 2-1 enkundleni yayo e-Orlando Stadium.Ngaphandle kokuba nebhadi lokugeja inqwaba yamagoli phambi kwamapali, abadlali beBhakaBhaka babonakale bebuthuntu futhi besakhathele kusukela ngonyaka odlule. Ngalelisonto, mine imidlalo yeligi…
: U-ARTHUR Bartman unozinti ongumakadebona osebuyele ekudlaleni kwi-Lamontville Golden Arrows njengoba ebesengumqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg United

Asixabananga ne-Maritzburg United – Bartman

BANINGI  abathuswe wukushiya kukamqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg United nowazakhela udumo kwi-African Wanderers neKaizer Chiefs, u-Arthur Bartman eya kwiLamontville Golden Arrows. Umbhali wezemidlalo we-Eyethu  KZN, uJerry Barnes  uxoxisane naye kafushane. JERRY BARNES (JB):Mfwethu, ngiyabonga ithuba onginike lona lokukhuluma nawe. ARTHUR BARTMAN (AB): Nami ngiyathokoza futhi wamukelekile bhut’omdala. JB: Ungumdlali nonozinti onesipiliyoni nohlonishwa kakhulu eMzansi, yini eyenze ushiye…
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa obhekene nomqansa wokuqeda isomiso sezindebe kuleliqembu eselidlale amafayineli amathathu kodwa langaphumelela ngisho nakweyodwa.Isithombe abakwaBackpagePix.

Ngiyamzwela u-De Sa

ISIZULU esijulile nesiqondile ngqo sithi sekubonwa ngokusa.Uma ngicabanga ngemidlalo ezolandelana ubuthaphuthaphu yeBhakaBhaka, ngivele ngithuke futhi ngimzwele umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa. Indlela imidlalo ehlelwe ngayo i-Pirates iyathusa futhi izodinga abadlali nabaqeqeshi babe nomhlonzo baqine kuze kuyovalwa.Noma iBhakaBhaka iyiqembu elikhulu nelinabadlali abaningi kodwa uDe Sa uyokwazi yini ukubagqugquzela abadlalali ukuba bahlale besemgangathweni futhi bashaye kwasani.Kuyiqiniso…
Top