Sport

Kuhlangene izifunda zezikole

ATHELEKE ngobuningi bawo amantombazane e-netball ezifunda ezahlukene zaseMzansi Afrika e-Ugu Sports and Leisure ngoMsombuluko odlule ntambama. Bekunomcimbi omkhulu wokwamukela amantombazana azodlala i-netball nalapho isifunda ngasinye besisukuma sizethule ngendlela yaso. Kulezizifunda kukhona i-KwaZulu Natal, Eastern Cape, Western Cape, Northern Cape, Mpumalanga, North West, Gauteng, Free State, Limpompo kanye nezwe lase-Namibia. Labadlali bahamba nabazali, othisha kanye nabaqeqeshi babo. Lomcimbi uzothatha…

Umdlalo wamaphoyisa

BEKUNEMIDLALO yebhola lamaphoyisa aKwaZulu Natali eVongo ezinkundleni zase-Douglas Mitchell ngoLwesine olwedlule.  Amaqembu angu-8 abedlala kwase kukhethwa iqembu lesifunda.  U-Major General Thembi Ndlovu ukhomanda wesiteshi saseSayidi wamukele bonke ebebekhona wase eqalisa umdlalo ngokuthi kudlale yena wafaka negoli lokuqala.      
UVladimir Vermezovic we- Orlando Pirates, uGavin Hunt weBidvest Wits, uStuart Baxter oqeqeshha iKaizer Chiefs kanye noSteve Komphela ocija iMaritzburg United ngesikhathi sedraw yemidlalo eyandulela owamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup emahhovisi ePSL Offices isithombe abakwaBackpagePix.

Liza eMphithi iBhakabhaka

KUNGENZEKA kuthi mhlawumbe abanye bethu besebecabanga ngenye indlela, themba-ke, futhi yiqiniso i-Orlando Pirates, iBhakaBhaka loqobo liza eMphithi. NgeSonto eledlule iPSL ikuqinisekile ukuthi phela iPirates iza eHarry Gwala Stadium ngoMay 3 ukuzobhekana neMaritzburg United kuma semi final eNedbank Cup ngo8.15 ebusuku. Kanti ngosuku olufanayo ngo3 ntambama, iKaizer Chiefs izobambana neBidvest Wits eBidvest Stadium eMilpark. Iqembu laseMphithi,…

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top