Sport

Bazotholana phezulu enkundleni yebhola osomatekisi

KUZOBE kuqhuma isicathulo, hhayi isibhamu, ngempelasonto esibheke kuyona ngesikhathi osomatekisi bonke baKwaZulu-Natal bebhekene emqhudelwaneni webhola ozobe useThekwini.

Lixhaswe ngabakwa-KFC iqembu lesifunda seLembe

IQEMBU elizobe limele isifunda seLembe emidlalweni yaminyaka yonke ye-SALGA kanye noMnyango wezemiDlalo, nezosingathwa esifundeni seLembe kulo nyaka, lithole uxhaso kwinkampani yakwa-KFC.

Akazisoli ngamazwi akhe uMashaba

Umqeqeshi we-Bafana Bafana uthi akazisoli ngesithembiso asenza sokuthi iBafana Bafana iyofinyelela kowamanqamu kwi-AFCON.
UVladimir Vermezovic we- Orlando Pirates, uGavin Hunt weBidvest Wits, uStuart Baxter oqeqeshha iKaizer Chiefs kanye noSteve Komphela ocija iMaritzburg United ngesikhathi sedraw yemidlalo eyandulela owamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup emahhovisi ePSL Offices isithombe abakwaBackpagePix.

Liza eMphithi iBhakabhaka

KUNGENZEKA kuthi mhlawumbe abanye bethu besebecabanga ngenye indlela, themba-ke, futhi yiqiniso i-Orlando Pirates, iBhakaBhaka loqobo liza eMphithi. NgeSonto eledlule iPSL ikuqinisekile ukuthi phela iPirates iza eHarry Gwala Stadium ngoMay 3 ukuzobhekana neMaritzburg United kuma semi final eNedbank Cup ngo8.15 ebusuku. Kanti ngosuku olufanayo ngo3 ntambama, iKaizer Chiefs izobambana neBidvest Wits eBidvest Stadium eMilpark. Iqembu laseMphithi,…
U-Innocent Mdledle we Supersport United wayebanga noKnowledge Musona weKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngonyaka odlule. Lamaqembu azotholana futhi koweNedbank Cu. Isithombe abakwaBackpagePix.

Hhayi ashubile ama-Quarter Finals e-Nedbank

IQINISO lithi imidlalo yama- Quarter Finals kulempelasonto izoshuba kakhulu futhi baningi abazophuka imimoya.Okubuhlungu ukuthi iKwaZulu Natali izobe imelwe iqembu elilodwa nje vo, iMaritzburg United. Abafana baseMgungundlovu, iTeam Of Choice izobhekana ekuhambeni neqembu lase- Free State -iAfrican Warriors e-Charles Mopeli Stadium ngaloMgqibelo (April 12). Noma i-Warriors iyiqembu elidlala  kwi-National First Division (NFD) kodwa izazi zithi liyingozana…

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top