Entertainment

Ithimba le-Alex & The Crew elihlakaziwe.

Kuhlakazwe ithimba le-Alex &The Crew

Lihlakaziwe ithimba ebelishayela uhlelo lwasekuseni kuGagasi FM i-Alex& The Crew emuva kokumenyezelwa kwezinguquko ezintsha zalomsakazo izolo.
ULucky Gayimali Dludla uthembisa izaqheqhe kwi cwecwe lakhe elisha.

Iza ngamandla i-Gay’mali Dludla

Yize noma ukufa kwafika kwabhidliza izinhlelo zika Lucky “Gayimali” Dludla noMalume wakhe uBhekumuzi Luthuli kodwa uthando lokucula aluphelanga kuGayimali njengoba eseze wakhipha icwecwe lakhe naye lokuqala aliqambe ngokuthi Gay’mali Dludla. UGayimali ushaya ushuni kaBhekumuzi Luthuli wona kanye lo okhalisa izinsizwa ngokuba uyi “Can’t Get, Can’t tholakala”. Ekhuluma ne-Eyethu uGayimali uthe lizophuma maduzane icwecwe lakhe elinezingoma…
Lalikhala izinyembezi igcokama lako Molo uma selicula ngothando luka Mama.

Kuzokwenziwa owokukhumbula umfoka Molo

UMKHANDLU wakwaMaphumulo uhlele umcimbi wokukhumbula iqhawe lakwaMaphumulo emculweni kaMaskandi elingasekho emhlabeni uBhekumuzi “Phutha liyenzeka” Luthuli. Lomcimbi uhlelelwe ukuthi ube mhla ziyi-3 kuMeyi 2014 kanti kuzobe kunandisa nabanye abaculi abadumile abafana no Mfiliseni Magubane, Khuzani, Mtshengise Gcwensa kanye nabanye abaningi. Lomcimbi uzobanjelwa ezinkundleni zemidlalo eSabuyaze. UNgizwe Mchunu woKhozi fm owangumphathi wohlelo kubekwa lensizwa kuzobe kunguye futhi ozobe…
U-Ayanda Thabethe no Andile Ncube.

Bashade omhlophe u-Andile Ncube nesithandwa sakhe

OMUNYE angabubona njengedinda ubudlelwane buka Andile Ncube nonkosikazi wakhe omusha u-Ayanda Thabethe. U-Ayanda oyisiphalaphala sentokazi uke waba sebudlelwaneni bobulili obufanayo nelunga leBoom Shaka, uTheo Nhlengethwa. Kanti u-Andile ongumethuli wezinhlelo zemidlalo kwi-SABC, kuke kwaqubuka amahebezi okuthi uke waba nobudlelwano bothando nabantu besilisa. Lokhu kwenza abaningi bangabaze ukuthi lobudlelwano bungaphumelela. Yize kunjalo ngokwemibiko yeSunday Sun, u-Andile Ncube…
Top