Sport

Zizonephuzana kuma Semi Final e-Nedbank Cup

AMATHIKITHI amasemi fayineli eNedbank Cup aseyatholakala ezikhungweni zamathikithi kuzwelonke, kanti abathandi bebhola bayanxuswa ukuthi baqiniseke ukuthi bayawathenga amathikithi kusakhanya ngoba ahamba ubuthaphuthaphu.

Iqembu le-Under 23 lizodlala ne-Japan

UMQEQESHI weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kwamashumi amabili nantathu (SA-U23 team) u-Owen Da Gama(ODG) akafuni ukuthatha amashansi ngokuhlala phansi angenzi lutho.

Kungcono vele basebenze kanzima kwimidlalo ye-PSL

NOMA ukudliwa kwamaqembu amabili aKwaZulu-Natal iLamontville Golden Arrows neMaritzburg United kwiNedbank Cup kungathathwa njengechilo ngendlela ekwenzeke ngayo, kodwa kwiningi labalandeli bebhola kulesifundazwe kufane nesibusiso. 

Imiklomelo emibili yezemidlalo kwi- Comrades Marathon

I- 2016 Discovery Sport Industry Awards  kwakungeyodwa yokukhumbula njengoba i- Comrades Marathon Association yahamba ayineyodwa, kodwa nezindondo ezimbili izolo ebusuku (Lwesine, 11 February 2016).

Amaqembu ase KZN awashaye amagoli

ABAQEQESHI bamaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiPremier Soccer League(PSL)  uClinton Larsen weLamontville Golden Arrows no-Ernst Middendorp weMaritzburg United banxusa abadlali babo ukuthi babhukule futhi bengalokhu bebikika imbiba nebunzi. 

Kuzokhunjulwa uBob Marley ngomdlalo webhola

KUHLELWE umqhudelwano webhola wokuhlonipha umculi uBob Marley ozoba sezinkundleni zemidlalo iDelese Park eMgungundlovu ngomhlaka 6 Februawari 2016 kusuka ngo 9 ekuseni kuze kube  ntambama.

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top